Mathewu

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28

0:00
0:00

Isahluko 21

Kwathi ukuba basondele eJerusalema, sebefikile eBetfage ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wathuma abafundi ababili,
2 wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani, nizakufumana masinyane imbongolo ikhulekiwe nethole linayo; zithukululeni, nizilethe kimi.
3 Uma umuntu esho utho kini, anothi: ‘INkosi iyazidinga;’ uyakuzithumela masinyane.”
4 Kepha lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwashiwo ngumprofethi othi:
5 “Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele embongolweni, yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.”
6 Abafundi bahamba, benza njengokuba uJesu ebatshelile,
7 baletha imbongolo nethole, babeka izingubo zabo phezu kwazo, wahlala phezu kwazo.
8 Iningi lesixuku lendlala izingubo zalo endleleni, kepha abanye bagawula amahlamvu emithini, bawendlala endleleni.
9 Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu!”
10 Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, wathi: “Ngubani lo?”
11 Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile.”
12 UJesu wayesengena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba.
13 Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza ‘umhume wabaphangi.’ ”
14 Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini, waziphulukisa.
15 Kepha abapristi abakhulu nababhali, bebona izimangaliso azenzayo nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide,” bacasuka,
16 bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na?” UJesu wathi kubo: “Yebo, anizange nifunde yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso,’ na?”
17 Wayesebashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya, walala khona.
18 Kepha ekuseni esebuyela emzini walamba.
19 Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, weza kuwo; akafumananga lutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna khona lapho.
20 Bekubona lokho abafundi bamangala bathi: “Umkhiwane ubune kanjani masinyane na?”
21 UJesu wayesephendula, ethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ kuyakwenzeka;
22 nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.”
23 Kuthe engena ethempelini, kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: “Ukwenza lokhu ngagunya lini na? Futhi ngubani okunike leli gunya na?”
24 UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami ngizakunibuza izwi libe linye; uma ningitshela lona, nami ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.
25 Ukubhapathiza kukaJohane kwavelaphi, ezulwini nokuba kubantu, na?” Bakhulumisana bodwa, bathi: “Uma sithi: ‘Ezulwini,’ uzakuthi kuthi: ‘Pho, anikholwanga nguye ngani na?’
26 Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ siyasesaba isixuku; ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi.”
27 Base bemphendula uJesu, bethi: “Asazi.” Wayesethi kubo naye: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.”
28 “Kepha nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: ‘Mntanami, hamba, uyosebenza namuhla esivinini.’
29 “Yaphendula yathi: ‘Angithandi;’ kodwa ngasemuva yaguquka, yaya.
30 “Wayeseya kwenye, washo kanjalo. Yona yaphendula yathi: ‘Ngiyaya, nkosi;’ kepha kayiyanga.
31 “Yiyiphi kulawa amabili eyenza intando kayise na?” Bathi kuye: “Eyokuqala.” UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.
32 Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye; kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye; kodwa nina, khona nikubona, aniguqukanga nakamuva, nize nikholwe nguye.” 21:32 Luk. 3:10.
33 “Yizwani omunye umfanekiso. Kwakukhona umuntu, umninindlu, owatshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba khona isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.
34 Kwathi sekusondele isikhathi sezithelo, wathuma izinceku zakhe kubalimi ukuba zithathe izithelo zakhe.
35 “Abalimi bazibamba izinceku zakhe, enye bayishaya, enye bayibulala, enye bayikhanda ngamatshe.
36 Waphinda wathuma ezinye izinceku eziningi kunezokuqala; benze njalo nakulezo.
37 Ekugcineni wathuma kubo indodana yakhe, ethi: ‘Bayakuyazisa indodana yami.’
38 “Kepha kwathi abalimi bebona indodana, bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo.’
39 Base beyibamba, bayiphonsa ngaphandle kwesivini, bayibulala.
40 “Pho-ke, mhla kufika umninisivini, uzakubenze njani labo balimi na?”
41 Bathi kuye: “Uzakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe sinikwe abanye abalimi abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.”
42 UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi; lona lavela eNkosini; liyisimangaliso emehlweni ethu,’ na?
43 “Ngalokho ngithi kini: Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo.
44 Owayo phezu kwaleli tshe uyakuphohlozwa; kepha yilowo nalowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.”
45 Abapristi abakhulu nabaFarisi beyizwa imifanekiso yakhe bazi ukuthi ukhuluma ngabo.
46 Base befuna ukumbamba; kepha bazesaba izixuku, ngokuba zazithi ungumprofethi.