KuFilemoni

Isahluko: 1

0:00
0:00

Isahluko 1

UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane kuFilemoni, isithandwa sethu nesisebenzi kanye nathi,
2 naku-Apifiya udadewethu, naku-Arkiphu, ibutho kanye nathi, nakulo ibandla elisendlini yakho:
3 Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
4 Ngibonga uNkulunkulu wami njalo ngikukhumbula emikhulekweni yami,
5 uma ngizwa ngothando lwakho nokukholwa onakho eNkosini uJesu nakubo bonke abangcwele,
6 ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nomsebenzi ekwazini konke okuhle okukithi kuKristu,
7 ngokuba nginokuthokoza okukhulu nenduduzo ngothando lwakho, ngokuba izinhliziyo zabangcwele zihlunyelelwe ngawe mzalwane.
8 Ngalokho noma nginesibindi esikhulu kuKristu sokuba ngikuyale ngakho okufaneleyo,
9 nokho ngenxa yothando okungcono ngiyancenga, njengokuba nginje mina Pawulu osemdala, manje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu,
10 ngikuncenga ngomntanami engimzeleyo ekuboshweni kwami, u-Onesimu;
11 okade engenalusizo kuwe, kepha kalokhu unosizo nakuwe nakimi,
12 engimbuyisele kuwe, yena oyinhliziyo yami,
13 ebengifuna ukumbamba ahlale kimi, ukuze angikhonze esikhundleni sakho ngisekuboshweni ngenxa yevangeli;
14 kepha ngaphandle kokubona kwakho ngangingathandi ukwenza lutho, ukuze umusa wakho ungabi ngokucindezelwa, kodwa ube ngesihle.
15 Ngokuba mhlawumbe kungenxa yalokho ukuba ahlukaniswe nawe isikhashana, ukuze abe ngowakho kuze kube phakade,
16 angabi esaba njengesigqila, kodwa abe ngaphezu kwesigqila, engumzalwane othandekayo, kakhulu kimi kepha kakhulu kangakanani kuwe, nasenyameni naseNkosini.
17 Ngakho uma uthi ngingumhlanganyeli nawe, mamukele ngokungathi yimi.
18 Kodwa uma ekonile ngento, noma enecala kuwe, lokho kubalele kimi;
19 mina Pawulu ngikuloba ngesandla sami, ngiyakukukhokha ukuba ngingaze ngisho kuwe ukuthi nawe unecala kimi elinguwe uqobo.
20 Yebo, mzalwane, mangithokoziswe nguwe eNkosini, uyihlumelele inhliziyo yami kuKristu.
21 Ngikulobele ngokwethemba ukulalela kwakho, ngazi ukuthi uzakwenza nokungaphezu kwengikushoyo.
22 Futhi-ke wongilungisela nami indawo; ngokuba ngiyethemba ukuthi ngemikhuleko yenu ngizakuphiwa nina.
23 Uyakhonza kuwe u-Ephafra oyisiboshwa kanye nami kuKristu Jesu,
24 noMarku, no-Aristarku, noDema, noLuka, izisebenzi kanye nami.
25 Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu.