KumaHeberu

Isahluko: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13

0:00
0:00

Isahluko 1

UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi,
2 ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe.
3 Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,
4 seyaba nkulu kunezingelosi, njengalokhu igama eliyifa layo likhulu kunelazo.
5 Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi: “UyiNdodana yami wena, namuhla ngikuzele,” na? nokuthi: “Ngiyakuba nguYise kuyona, yona ibe yiNdodana kimina,” na?
6 Futhi mhla engenisa oyizibulo emhlabeni uthi: “Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”
7 Ngezingelosi uthi: “Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”
8 Kepha ngeNdodana uthi: “Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.
9 Uthandile ukulunga, wazonda ububi; ngalokho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabafowenu,”
10 nokuthi: “Wena Nkosi, ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba; amazulu angumsebenzi wezandla zakho.
11 Wona ayakubhubha, kepha wena umi njalo; wona onke ayakuguga njengengubo.
12 Njengesambatho uyakuwagoqonga, njengengubo ayakuguquka. Kepha wena unguye njalo, iminyaka yakho ayiyukuphela.”
13 Kepha yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho,” na?
14 Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?