Ukukholwa


  • Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.
    AmaRoma 10:17
  • Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.
    IzAga 3:5, 6
  • UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”
    Marku 9:23
  • Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.
    2 Korinte 5:17
  • Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”
    Luka 1:37
  • Khona wathinta amehlo azo, wathi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.”
    Mathewu 9:29
  • Now faith is the substance of things hoped for, the evidence of things not seen.
    KumaHeberu 11:1
  • Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa. Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya. Ngakho makangasho lowo muntu ukuthi uyakwamukeliswa utho yiNkosi, umuntu onhliziyombili oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke.
    EkaJakobe 1:5-8
  • kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.
    KumaHeberu 11:6
  • Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.
    EkaJakobe 2:26
  • kepha ongabazayo, nxa edla, ulahliwe, ngokuba kungengokukholwa; konke okungaveli ekukholweni kuyisono.
    AmaRoma 14:23
  • kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye.
    KumaHeberu 10:38
  • Bheka, uyakungibulala, anginathemba; nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.
    Jobe 13:15
  • Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula, amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba; kepha anithandanga.
    Isaya 30:15
  • uma singathembeki, yena uhlala ethembekile, ngokuba akanakuziphika.
    1 Thimothewu 2:13
  • ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe; lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwethu.
    1 Johane 5:4
  • kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi,
    Efesu 6:16
  • Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini:Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba:‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula.
    Mathewu 17:20
  • sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.
    KumaHeberu 12:2
  • Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu,
    AmaRoma 5:1
  • AUJesu waphendula, wathi kubo: “Kholwani nguNkulunkulu.
    Marku 11:22
  • enithokoza ngakho, nokuba manje ngesikhashana, uma kudingeka, nidabukiswa ngezilingo eziyizinhlobonhlobo, ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu; enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo, namukela isigcino sokukholwa kwenu esiyinsindiso yemiphefumulo.
    1 Petru 1:6-9