Uthando


  • Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.
    1 Korinte 13:13
  • UJesu wathi kuye: “ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.’ Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala. Owesibili ofana nawo uthi:‘Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Kuleyo miyalo emibili kubambelela umthetho wonke nabaprofethi.”
    Mathewu 22:37-40
  • “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
    Johane 3:16
  • kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono;
    1 Petru 4:8
  • Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane. Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na? Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.
    1 Johane 3:16-18
  • Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu. Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.
    1 Johane 4:7, 8
  • Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”
    Galathiya 5:14
  • “Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami.
    Johane 14:15
  • “Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo:‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’
    Mathewu 25:40
  • Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.
    Mathewu 7:12
  • nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani. Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.
    Kolose 3:13, 14
  • Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.
    1 Korinte 16:14
  • Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.
    Johane 15:13
  • Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.
    1 Johane 4:19
  • Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.
    AmaRoma 8:38, 39
  • “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”
    Johane 13:34, 35
  • Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.” UJuda, ongesiye u-Iskariyothe, wathi kuye: “Nkosi, kwenziwa yini ukuba uyakuzibonakalisa kithina, ungazibonakalisi kulo izwe, na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye. Ongangithandiyo kagcini amazwi ami, nezwi enilizwayo akusilo elami kepha ngelikaBaba ongithumileyo.
    Johane 14:21-24
  • Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle;
    AmaRoma 12:9
  • Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana.
    1 Johane 4:11
  • Yebo, lo myalo sinawo, uvela kuNkulunkulu, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.
    1 Johane 4:21
  • wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.
    Duteronomi 6:5
  • “Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,
    Duteronomi 10:12
  • ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho, ukuze uhlale ezweni uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika lona.”
    Duteronomi 30:20
  • Yesabani uJehova kuphela, nimkhonze ngeqiniso ngenhliziyo yenu yonke, ngokuba bhekani okukhulu anenzele khona.
    1 Samuweli 12:24
  • Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami, ngokuba ungakwesokunene sami, angiyikuzanyazanyiswa. Ngakho-ke inhliziyo yami iyajabula, nomphefumulo wami uyethaba, nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba.
    AmaHubo 16:8, 9
  • Kumholi wokuhlabelela. IMaskili lamadodana kaKora. Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula, kanjalo umphefumulo wami ulangazelela wena Nkulunkulu. Umphefumulo wami womela uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo; ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu, na?
    AmaHubo 42:1, 2
  • Ihubo likaDavide esehlane lakwaJuda. Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena; inyama yami ilangazelela wena ezweni elomileyo eligagadekileyo, lapho amanzi engekho khona.
    AmaHubo 63:1
  • Umphefumulo wami ubambelele kuwe; esokunene sakho siyangiphasa.
    AmaHubo 63:8
  • Whom have I in heaven but thee ? and there is none upon earth that I desire beside thee. My flesh and my heart faileth:but God is the strength of my heart, and my portion for ever. Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni. Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
    AmaHubo 73:25, 26
  • Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo; umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.
    AmaHubo 107:9
  • Ngiyamthanda uJehova, ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami. Ngokuba ubekile indlebe kimi ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.
    AmaHubo 116:1, 2
  • “Isibani somzimba yiso. Ngakho uma iso lakho lilihle, uzakukhanya umzimba wakho wonke.
    Mathewu 6:22
  • Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.
    Mathewu 6:33
  • Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kaningi, adle ifa lokuphila okuphakade.
    Mathewu 19:29
  • Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele izithelo ngokwalo, kuphela uma lihlala emvinini, kunjalo nani, kuphela uma nihlala kimi.
    Johane 15:4
  • nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.
    Kolose 3:2
  • Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima,
    1 Johane 5:3