Ukuphilisa neMpilo

  • Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.
    AmaHubo 34:19
  • Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi. Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona. Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.
    EkaJakobe 5:14-16
  • Wathuma izwi lakhe, wabaphilisa, wabakhulula emathuneni abo.
    AmaHubo 107:20
  • “Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami:‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi:Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.
    2 AmaKhosi 20:5
  • Ngokuba ngiyakubuyisela ukuphila kuwe, ngelaphe izilonda zakho,’ usho uJehova, ‘ngokuba bakubize ngokuthi Oxoshiweyo neSiyoni elingafunwa muntu.’
    Jeremiya 30:17
  • Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha.
    Isaya 40:29
  • yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho;
    AmaHubo 103:3
  • Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.
    Isaya 53:5
  • wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.”
    Eksodusi 15:26
  • Kuthe ewabona, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa.
    Luka 17:14
  • Wayesebabiza abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nokugula konke.
    Mathewu 10:1
  • Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.
    Malaki 4:2
  • Khona uPetru wathi kuye: “Eneya, uJesu Kristu uyakuphilisa; vuka, wendlule icansi lakho.” Wayesevuka masinyane.
    IzEnzo 9:34
  • Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo:ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha, baphathe izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akusoze kwaba nangozi; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”
    Marku 16:17-18
  • nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuba okuqhugayo kungaphinyizeki, kepha kunalokho kuphulukiswe.
    KumaHeberu 12:13
  • Ngalokho ukuze ngingaziphakamisi kakhulu ngobukhulu bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba ingimukule, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu. 8 Ngayo-ke nganxusa iNkosi kathathu ukuba isuke kimi. 9 Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.
    2 Korinte 12:7-9
  • wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.” “Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami:‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi:Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.
    Eksodusi 15:26
  • Ngokuba akadelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo; akamfihlelanga ubuso bakhe, kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.
    AmaHubo 22:24
  • Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi, nina nonke enithemba uJehova.
    AmaHubo 31:24
  • Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.
    AmaHubo 34:19
  • yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho;
    AmaHubo 103:3
  • Wathuma izwi lakhe, wabaphilisa, wabakhulula emathuneni abo.
    AmaHubo 107:20
  • Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile.
    AmaHubo 119:50
  • Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami, ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami.
    AmaHubo 119:92
  • Ngiyahlupheka kakhulu; Jehova, ngiphilise ngokwezwi lakho.
    AmaHubo 119:107
  • Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo; izilonda zabo uyazibopha.
    AmaHubo 147:3
  • Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha.
    Isaya 40:29
  • Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.
    Isaya 53:5
  • Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi, nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa.
    Isaya 59:1
  • Ngokuba ngiyakubuyisela ukuphila kuwe, ngelaphe izilonda zakho,’ usho uJehova, ‘ngokuba bakubize ngokuthi Oxoshiweyo neSiyoni elingafunwa muntu.’
    Jeremiya 30:17
  • “Bheka, nginguJehova uNkulunkulu wenyama yonke, kukhona okungahlulayo na?
    Jeremiya 32:27
  • Ngiyakufuna ezilahlekileyo, ngibuyise ezixoshiweyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo; kepha ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzichitha, ngizaluse ngokwahlulela.
    Hezekeli 34:16
  • Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.
    Malaki 4:2
  • UJesu ephenduka wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi.
    Mathewu 9:22
  • Kwathi ngolunye lwalezo zinsuku yena esafundisa, kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma emizini yonke yaseGalile neJudiya neJerusalema. Namandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise.
    Luka 5:17
  • Kuthe ewabona, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa.
    Luka 17:14
  • Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.
    EkaJakobe 5:16
  • Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo:ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha, baphathe izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akusoze kwaba nangozi; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”
    Marku 16:17, 18
  • Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi. Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona. Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.
    EkaJakobe 5:14, 15, 16