Ukuvikeleka


  • “ ‘Ngalokho anozenza izimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze, nihlale ezweni nilondekile.
    Levitikusi 25:18
  • NgoBenjamini wathi: “Othandiweyo kaJehova uyakuhlala elondwa nguye; uyamsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.”
    Duteronomi 33:12
  • ngalokho-ke mawuvume ukubusisa indlu yenceku yakho ukuba ibe sebusweni bakho kuze kube phakade, ngokuba wena Nkosi, Jehova, ukukhulumile; ngesibusiso sakho mayibusiswe indlu yenceku yakho kuze kube phakade.”
    2 Samuweli 7:29
  • UDavide wamisa amakhanda e-Aramu laseDamaseku, ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.
    2 Samuweli 8:6
  • nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama njengamagama abakhulu abasemhlabeni.
    1 IziKronike 17:8
  • Ngokuba inkosi iyethemba uJehova, nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa. Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo. Uyakubenza babe njengesithando somlilo, nxa ubonakalisa ubuso bakho; uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe, umlilo uyakubaqeda.
    AmaHubo 21:7-9
  • Kepha inkosi iyakuthokoza ngoNkulunkulu; bonke abafunga yena bayakuzibonga; ngokuba umlomo wabakhuluma amanga uyakuvalwa.
    AmaHubo 63:11
  • “Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide, ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani. Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo, kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.”
    AmaHubo 132:17, 18
  • Nguye onika amakhosi insindiso, okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni elimazayo.
    AmaHubo 144:10
  • UNkulunkulu wasendulo uyisiphephelo, nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho, wathi:‘Chitha.’
    Duteronomi 33:27
  • Ngizakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.
    AmaHubo 4:8
  • Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami, ngokuba ungakwesokunene sami, angiyikuzanyazanyiswa.
    AmaHubo 16:8
  • Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.
    AmaHubo 34:7
  • Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. Nge-Alamoti. Igama. UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.
    AmaHubo 46:1
  • ngokuba uthi:Jehova, uyisiphephelo sami; oPhezukonke umenzile abe yinqaba yakho. Awuyikwehlelwa ngokubi, nesifo asiyikusondela etendeni lakho.
    AmaHubo 91:9, 10
  • Igama lokukhuphuka. ElikaSolomoni. Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.
    AmaHubo 127:1
  • ngokuba uJehova uyakuba yithemba lakho, agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.
    IzAga 3:26
  • Ekumesabeni uJehova kukhona ithemba elinamandla; abantwana bakhe bayakuba nesiphephelo.
    IzAga 14:26
  • Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.
    IzAga 18:10
  • Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukusindiswa kungokukaJehova.
    IzAga 21:31
  • “Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile; uyisihlangu kwabaphephela kuye.
    IzAga 30:5
  • Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.
    Amose 3:7
  • kuyena esabelwa futhi ifa kuye, esakumiselwa ngaphambili ngokwesimiso salowo osebenza izinto zonke ngokunquma kwentando yakhe, 12 ukuze sibe ludumo lwenkazimulo yakhe, thina esethemba ngaphambili kuKristu;
    EFESU 6:11, 12