Ukuboniswa


  • Yazi nokwazi ukuma kwezimvu zakho, ubeke inhliziyo yakho emihlambini yakho.
    IzAga 27:23
  • “ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi:Bhekani, mina ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizicinge.
    Hezekeli 34:11
  • Wabuye wathi kuye ngokwesibili: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.” Wathi kuye: “Yalusa izimvu zami.”
    Johane 21:16
  • Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa. Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo.
    1 Korinte 3:6, 7
  • Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengenyanga yokwakha ehlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha akube yilowo nalowo aqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.
    1 Korinte 3:10
  • Uma thina sihlwanyele kini okomoya, kuyinto enkulu yini, uma sizovuna okwenu kwenyama na?
    1 Korinte 9:11
  • Kepha nakhu:ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.
    2 Korinte 9:6
  • lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye.
    2 Thimothewu 2:2
  • Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, kungabi ngokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo,
    1 Petru 5:2