Ukuqeqesheka


  • Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo, njengoyise indodana ayithandayo.
    IzAga 3:12
  • Oyeka uswazi uyazonda indodana yakhe, kepha oyithandayo uyayilaya ngesineke.
    IzAga 13:24
  • Yilaye indodana yakho, lisekhona ithemba; ungabhekisi inhliziyo yakho ukuyibulala.
    IzAga 19:18
  • Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana, kepha induku yokulaya iyabudedisela kude naye.
    IzAga 22:15
  • Ungayeki ukumlaya umntwana, ngokuba uma umshaya ngoswazi akayikufa.
    IzAga 23:13
  • Boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu ukuba bangadangali.
    Kolose 3:21
  • ophatha kahle indlu yakhe, abantwana bakhe bemthobela ngenhlonipho yonke
    1 Thimothewu 3:4
  • senikhohliwe umyalo okhuluma kinina njengakubantwana wokuthi: “Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kweNkosi, uphele amandla, nxa usolwa yiyo, ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo ishaye yileyo naleyo ndodana eyamukelayo.” Bekezelani ekulayweni; uNkulunkulu uyaniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana engalaywa nguyise na? Kepha uma ningalaywa, abathe bonke benziwa abahlanganyeli kukho, khona-ke ningabesihlahla, anisiwo amadodana. Futhi-ke sasinawobaba bethu benyama abasilayayo, sabazisa; pho, asiyikuthobela uYise wawomoya kakhulu kunalokho, siphile, na?
    KumaHeberu 12:5-9
  • Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.
    AmaHubo 34:11
  • Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho.
    AmaHubo 119:9
  • UJehova uyakufeza okwami; Jehova, umusa wakho umi phakade; ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.
    AmaHubo 138:8
  • Lapho amadodana ethu enjengezithombo ezikhulileyo ebusheni bazo, namadodakazi ethu enjengamatshe amagumbi abaziwe ngendlela yokwakhiwa kwezindlu zamakhosi;
    AmaHubo 144:12
  • Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,
    IzAga 3:1
  • “Ngalokho, bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami. Yizwani ukulaya, nihlakaniphe, ningakwenqabi.
    IzAga 8:32-33
  • Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.
    IzAga 22:6
  • Bonke abantwana bakho bayakuba ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.
    Isaya 54:13
  • Khona sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: “Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na?” Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.” Wathi kuye: “Yipha amawundlu ami.”
    Johane 21:15
  • Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.
    2 Thimothewu 2:22
  • Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.
    3 Johane 1:4
  • ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.
    Duteronomi 6:7
  • Qaphela, uzwe onke lawa mazwi engikuyala ngawo ukuba kube kuhle kuwe nakubantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, lapho wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.
    Duteronomi 12:28
  • wathi kubo: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho. Ngokuba akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”
    Duteronomi 32:46, 47
  • Wangifundisa, wathi kimi: “Inhliziyo yakho mayibambe amazwi ami; gcina imiyalo yami, uphile. Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;
    IzAga 4:4, 5
  • Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe, babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.
    IzAga 20:7
  • Lapho sengibhekile, ngasuka ngathi kwabakhulu nakubabusi nakwabanye abantu: “Ningabesabi; khumbulani iNkosi enkulu neyesabekayo, nilwele abafowenu, namadodana enu, namadodakazi enu, nawomkenu, nezindlu zenu.”
    Nehemiya 4:14
  • Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.
    Efesu 6:4
  • lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye.
    2 Thimothewu 2:2