Ukukhulelwa nokuBeletha


  • ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza, ngoSomandla ozakukubusisa ngezibusiso zasezulwini phezulu, nangezibusiso zasotweni olukhona phansi, nangezibusiso zamabele nezesizalo.
    Genesise 49:25
  • Abantwana bakwa-Israyeli bazala, bachuma, banda, baba baningi; izwe lagcwala bona.
    Eksodusi 1:7
  • akuthande, akubusise, akwandise, abusise nenzalo yesisu sakho, nesithelo somhlabathi wakho, namabele akho, newayini lakho, namafutha akho, nenzalo yezinkomo zakho, nokwanda kwezimvu zakho ezweni alifungela oyihlo ukuninika lona. Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke, kungabikho mlisa nowesifazane oyinyumba phakathi kwenu noma phakathi kwezinkomo zenu.
    Duteronomi 7:13, 14
  • Owangenza mina esiswini, wabenza nabo; owasibumba esizalweni munye.
    Jobe e 31:15
  • Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.
    AmaHubo 112:2
  • Inyumba uyayipha ukuphatha umuzi, ibe ngunina othokozayo wabantwana. Haleluya!
    AmaHubo 113:9
  • Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.
    AmaHubo 127:3
  • Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango; ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho.
    AmaHubo 139:13
  • Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango; ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho.
    AmaHubo 147:13
  • Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi, ibuthe amawundlu ngemikhono yayo, iwagone esifubeni sayo, ihole kahle izindlezane.
    Isaya 40:11
  • Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokushileyo, ngithulule uMoya wami phezu kwenzalo yakho, nesibusiso sami phezu kwabantwana bakho; bayakuhluma phakathi kotshani njengeminyezane ngasemifudlaneni yamanzi.
    Isaya 44:3, 4
  • “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.”
    Jeremiya 1:5
  • Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuzakuba khona ukufezeka kwalokho akutshelwa, kuvela eNkosini.”
    Luka 1:45
  • Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo.
    KumaHeberu 11:11
  • Wangiphumisela endaweni ebanzi; wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.
    AmaHubo 18:19
  • Beka kimi indlebe yakho, ungophule masinyane, ube yidwala eliqinileyo kimi, indlu yezinqaba yokungisindisa.
    AmaHubo 31:2
  • Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.
    AmaHubo 34:7
  • Makuthandeke kuwe Jehova ukuba ungikhulule; Jehova, mawuphuthume ungisize.
    AmaHubo 40:13
  • Noma ngihlupheka, ngimpofu, iNkosi iyanginaka; wena ungumsizi wami noMsindisi wami; Nkulunkulu wami, mawungalibali.
    AmaHubo 40:17
  • ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.
    AmaHubo 50:15
  • Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba, lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.
    AmaHubo 61:2
  • Ngenxa yokuba enamathele kimi, ngakho ngiyamkhulula; ngiyamphakamisa ngokuba elazi igama lami.
    AmaHubo 91:14
  • Impela omubi akayekwa, kepha inzalo yabalungileyo iyakhululwa.
    IzAga 11:21
  • Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha. Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa, kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.
    Isaya 40:29-31
  • Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko, ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nabantwana babo bayakuba nabo.
    Isaya 65:23
  • “ISiyoni lingakabi namihelo lazala; lingakehlelwa ngubuhlungu labeletha umntwana wesilisa. Mina ngiyakusondeza ekuzalweni ngingazalisi na?” usho uJehova. “Mina engingozalisayo bengiyakuvala na?” usho uNkulunkulu wakho.
    Isaya 66:7, 9
  • Owesifazane, nxa esabeletha, ulusizi, ngokuba sifikile isikhathi sakhe; kepha nxa esembelethile umntwana, akabe esakhumbula ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni.
    Johane 16:21
  • Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.
    1 Korinte 10:13
  • Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.
    2 Korinte 12:9
  • Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
    Galathiya 6:9
  • Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.
    Filipi 4:13
  • kepha uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.
    1 Thimothewu 2:15