Ukukhipha Isisu


  • “ ‘Ungabulali.
    Duteronomi 5:17
  • Amehlo akho angibona ngiseyihlule; zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.
    AmaHubo 139:16
  • UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.
    Genesise 1:27
  • Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.
    AmaHubo 127:3
  • Ngokuba wena uzenzile izinso zami, wangaluka esiswini sikamame. Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle. Amathambo ami ayengafihlekile kuwe, lapho ngenziwa ekusithekeni, ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.
    AmaHubo 139:13-15
  • Owangenza mina esiswini, wabenza nabo; owasibumba esizalweni munye.
    Jobe 31:15
  • “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.”
    Jeremiya 1:5