Imphumela yeNdumiso


  • Lapho sebeqala ukuhalalisa nokudumisa, uJehova wabeka abaqamekeli babantwana bakwa-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseSeyiri, ababefikele uJuda, banqotshwa.
    2 IziKronike 20:22
  • Wayesethi kubo: “Hambani nidle okunonileyo, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselwanga lutho, ngokuba lolu suku lungcwele kuJehova; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.”
    Nehemiya 8:10
  • Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa; oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”
    AmaHubo 50:23
  • Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo; siyahamba, Jehova, ekukhanyeni kobuso bakho.
    AmaHubo 89:15
  • Kuyakuphuma kubo udumiso nezwi labathokozayo; ngiyakubenza babe baningi, bangabi ngabayingcosana, ngibadumise, bangeyiswa.
    Jeremiya 30:19
  • bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.
    IzEnzo 2:47
  • Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.
    Filipi 4:6
  • Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. “Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.
    Mathewu 5:10-12
  • Nibusisiwe, nxa abantu benizonda nanxa benicwasa, benithuka, belilahla igama lenu ngokungathi libi ngenxa yeNdodana yomuntu. “Thokozani ngalolo suku, nigxume; ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi.
    Luka 6:22, 23
  • “Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”
    Johane 16:33
  • Khona basuka phambi komphakathi bethokoza, ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelo gama;
    IzEnzo 5:41
  • O, wena muntu! Ungubani-ke wena ophikisana noNkulunkulu na? Okubunjiweyo kungasho yini kowakubumbayo ukuthi: “Wangenzelani ngaba njena na?”
    AmaRoma 9:20
  • njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.
    2 Korinte 6:10
  • Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani.
    Filipi 4:11
  • kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.
    2 Thesalonika 5:18
  • Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.
    KumaHeberu 10:34
  • enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo,
    1 Petru 1:8
  • Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki,
    1 Petru 3:14
  • kodwa njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko zikaKristu, thokozani, ukuze kuthi nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe nithokoze, nethabe nokwethaba. kepha uma ehlupheka ngokuba engumKristu, makangabi namahloni, kepha makadumise uNkulunkulu ngenxa yalelo gama.
    1 Petru 4:13, 16
  • Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo, nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo.
    AmaHubo 32:11
  • Yethabani kuJehova nina balungileyo; ukudumisa kubafanele abaqotho.
    AmaHubo 33:1
  • ElikaDavide mhla ezishaya uhlanya phambi kuka-Abimeleki owamxosha waze wamuka. Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.
    AmaHubo 34:1
  • Ulimi lwami luzakushumayela ngokulunga kwakho, usuku lonke ngodumo lwakho.
    AmaHubo 35:28
  • Mayibongwe iNkosi. Iyasithwala imihla ngemihla; uNkulunkulu uyinsindiso yethu. Sela
    AmaHubo 68:19
  • Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena, nalo udumo lwakho usuku lonke.
    AmaHubo 71:8
  • Ihubo. Igama losuku lwesabatha. Kuhle ukumbonga uJehova nokuhubela igama lakho wena oPhezukonke; ukushumayela umusa wakho ekuseni nokuthembeka kwakho ebusuku,
    AmaHubo 92:1, 2
  • Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa; mbongeni, nibusise igama lakhe.
    AmaHubo 100:4
  • Mbonge uJehova, mphefumulo wami; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele. Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa,
    AmaHubo 103:1, 2
  • Mababonge uJehova ngomusa wakhe nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
    AmaHubo 107:8
  • Mabanikele iminikelo yokubonga, balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.
    AmaHubo 107:22
  • Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama likaJehova malidunyiswe.
    AmaHubo 113:3
  • Masiphakamise izinhliziyo zethu kanye nezandla zethu kuNkulunkulu ezulwini.
    IsiLilo 3:41
  • But I will sacrifice unto thee with the voice of thanksgiving;
    Jona 2:9
  • niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu, nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu,
    Efesu 5:19, 20
  • kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.
    2 Thesalonika 5:18
  • Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.
    KumaHeberu 13:15
  • Kwase kuphuma izwi esihlalweni sobukhosi, lithi: “Dumisani uNkulunkulu wethu nonke nina zinceku zakhe, nina enimesabayo, abancane nabakhulu.”
    Isambulo 19:5