Ukuthula


  • Kepha wena uyakuya koyihlo ngokuthula, umbelwe usumdala.
    Genesise 15:15
  • UJehova uzakunika abantu bakhe amandla; uJehova uzakubusisa abantu bakhe ngokuthula.
    AmaHubo 29:11
  • Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge.
    AmaHubo 34:14
  • Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.
    AmaHubo 37:11
  • Mbhekisise ongasolekiyo, umbone oqotho; ngokuba umuntu wokuthula, ukugcina kwakhe kuhle.
    AmaHubo 37:37
  • Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho sikhubekiso kubo.
    AmaHubo 119:165
  • Ngingowokuthula; kepha uma ngikhuluma, bangabalwayo.
    AmaHubo 120:7
  • Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.
    IzAga 16:7
  • isikhathi sokuthanda nesikhathi sokuzonda, isikhathi sokulwa nesikhathi sokuzola.
    UmShumayeli 3:8
  • Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.
    Isaya 9:6
  • Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo, ngokuba yethemba kuwe.
    Isaya 26:3
  • Umsebenzi wokulunga uyakuba ngukuthula, impumelelo yokulunga ibe ngukulondeka kuze kube phakade.
    Isaya 32:17
  • Bonke abantwana bakho bayakuba ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.
    Isaya 54:13
  • Ngokuba niyakuphuma ngokuthokoza, niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyakuqhumuka ngokuhlabelela phambi kwenu, nemithi yonke yasendle iyakushaya ihlombe.
    Isaya 55:12
  • “Akukho ukuthula kwababi,” usho uNkulunkulu wami.
    Isaya 57:21
  • Indlela yokuthula abayazi, nokwahlulela akukho emikhondweni yabo; bazenzele izindlela eziyisigwegwe, bonke abahamba ngazo abazi ukuthula.
    Isaya 59:8
  • Bapholisa kalula ukulimala kwabantu bami, bathi: ‘Ngukuthula, ngukuthula,’ kepha akukho ukuthula.
    Jeremiya 6:14
  • Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.
    Jeremiya 29:11
  • “ ‘Bheka, ngiyakuwulethela impilo nokuphulukiswa, ngibelaphe, ngibambulele ukuthula nokulondeka okuningi.
    Jeremiya 33:6
  • Ukunqunywa kuyeza; bayakufuna ukuthula, kepha akuyikuba khona.
    Hezekeli 7:25
  • abaprofethi bakwa-Israyeli abaprofetha ngeJerusalema, ababona imibono yokuthula ngalo, ukuthula kungekho, isho iNkosi uJehova.” ’
    Hezekeli 13:16
  • Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo, izikhulise enhliziyweni yayo, ichithe abaningi ekuthuleni; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.
    Daniyeli 8:25
  • Ngesikhathi sokuthula uyakusukela izindawo ezinonileyo zesifunda, akwenze okungenziwanga ngoyise nangoyisemkhulu: uyakuhlakaza phakathi kwabo impango, nengcugco, nempahla, acebe amacebo ngezinqaba kube yisikhathi.
    Daniyeli 11:24
  • Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho, Juda, ugcwalise izithembiso zakho, ngokuba omubi akasayikudabula kuwe; unqunyiwe ngokupheleleyo.
    Nahume 1:15
  • “Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula, ngamnika khona ukuba esabe; wangesaba, waphela amandla phambi kwegama lami.
    Malaki 2:5
  • Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.
    Mathewu 5:9
  • Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makuze phezu kwayo; kodwa uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini.
    Mathewu 10:13
  • “Ningasho ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni; angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba.
    Mathewu 10:34
  • Wayesevuka, wakhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Kwanqamuka umoya, kwaba khona ukuthula okukhulu.
    Marku 4:39
  • Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.”
    Marku 5:34
  • “Usawoti muhle, kepha uma usawoti engasenabusawoti, niyakumhlaziya ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”
    Marku 9:50
  • ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”
    Luka 1:79
  • “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”
    Luka 2:14
  • Kepha wathi kowesifazane: “Ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.”
    Luka 7:50
  • “Nakuyiphi indlu eningena kuyo, qalani nithi: ‘Ukuthula makube kule ndlu.’
    Luka 10:5
  • Kepha uma kungenzeke, ingathi isekude leyo, ithuma amanxusa, icele okokuthula.
    Luka 14:32
  • sithi: “Ubusisiwe uMbusi ozayo egameni leNkosi, ukuthula ezulwini nenkazimulo kweliphezulu!”
    Luka 19:38
  • Besakhuluma lokho, yena uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.”
    Luka 24:36
  • Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.
    Johane 14:27
  • “Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”
    Johane 16:33
  • Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu,
    AmaRoma 1:7
  • incithakalo nosizi kusezindleleni zabo, indlela yokuthula abayazi. Ukwesaba uNkulunkulu akukho phambi kwamehlo abo.”
    AmaRoma 3:16-18
  • Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu,
    AmaRoma 5:1
  • Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula.
    AmaRoma 8:6
  • Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? Njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.”
    AmaRoma 10:15
  • uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke;
    AmaRoma 12:18
  • Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza kepha ungukulunga, nokuthula, nokuthokoza eMoyeni oNgcwele,
    AmaRoma 14:17
  • Ngalokho-ke asijonge okokuthula nokokwakhana.
    AmaRoma 14:19
  • UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.
    AmaRoma 15:13
  • UNkulunkulu wokuthula makabe nani nonke. Amen.
    AmaRoma 15:33
  • Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
    1 Korinte 1:3
  • Kepha uma ongakholwayo ehlukana nomkakhe, makahlukane naye; umzalwane noma umzalwanekazi kaboshiwe kokunjalo. Kepha uNkulunkulu unibizile nibe nokuthula.
    1 Korinte 7:15
  • ngokuba uNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula. Njengokuba kunjalo emabandleni onke abangcwele,
    1 Korinte 14:33
  • Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.
    2 Korinte 13:11
  • Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini yethu uJesu Kristu
    Galathiya 1:3
  • Bonke abahamba ngale ndlela makube kubo ukuthula nesihawu, yebo, ku-Israyeli kaNkulunkulu.
    Galathiya 6:16
  • Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka,
    Galathiya 5:22
  • Ngokuba yena ungukuthula kwethu, owenza kokubili kwaba kunye, nowabhidliza udonga olwahlukanisayo olungubutha, ngenyama yakhe ewenzile ize umthetho wemiyalo esezimisweni ukuba adale kuyena labo ababili babe muntu munye omusha, enze ukuthula,
    Efesu 2:14, 15
  • nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula;
    Efesu 4:3
  • izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula;
    Efesu 6:15
  • enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
    Filipi 4:9
  • nokuba ngayo abuyisane nakho konke esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, nokuba kuyizinto ezisemhlabeni nokuba ngezisezulwini.
    Kolose 1:20
  • Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.
    Kolose 3:15
  • Kepha nina bazalwane anikho ebumnyameni, ukuze lolo suku lunifice njengesela,
    1 Thesalonika 5:4
  • Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.
    2 Thimothewu 2:22
  • Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi;
    KumaHeberu 12:14
  • Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu,
    KumaHeberu 13:20
  • Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.
    James 3:18
  • adede ebubini, enze okuhle, afune ukuthula, akujonge,
    1 Petru 3:11
  • Kwase kuphuma elinye ihhashi elibomvu, nohlezi phezu kwalo waphiwa ukususa ukuthula emhlabeni, ukuze babulalane, wanikwa nenkemba enkulu.
    IsAmbulo 6:4