Ukuphumula nokuVakasha


  • Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile.
    AmaHubo 3:5
  • Ngizakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.
    AmaHubo 4:8
  • Awuyikwesaba ivuso lasebusuku, nomcibisholo ondizayo emini,
    AmaHubo 91:5
  • Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.
    AmaHubo 127:2
  • Lapho ulala phansi, awuyikwesaba lutho; nanxa usulale phansi, ubuthongo bakho buyakuba mnandi.
    IzAga 3:24
  • Ubuthongo besisebenzi bumnandi, noma sidla okuyingcosana noma okuningi, kepha ukusutha kocebileyo akumvumeli ukuba alale.
    Ecclesiastes 5:12
  • angene ekuthuleni; abahambe ngobuqotho bayakuphumula emibhedeni yabo.
    Isaya 57:2
  • “Makabongwe uJehova onike abantu bakhe u-Israyeli ukuphumula njengakho konke akushiloyo; akuwanga izwi elilodwa lakho konke ukukhuluma kwakhe okuhle akusho ngesandla sikaMose inceku yakhe.
    1 AmaKhosi 8:56
  • Uyakuba nokwethemba, ngokuba ithemba likhona; uyakuphendla, ulale ngokulondeka.
    Jobe e 11:18
  • angene ekuthuleni; abahambe ngobuqotho bayakuphumula emibhedeni yabo.
    Isaya 57:2
  • “Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isabatha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo, nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo, uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize, khona uyakuzijabulisa kuJehova, ngikukhweze ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikuphe ukuba ulidle ifa likaJakobe uyihlo,” ngokuba umlomo kaJehova ukukhulumile.
    Isaya 58:13-14
  • Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.
    1 Korinte 10:31
  • Ngakho-ke kubasalele abantu bakaNkulunkulu ukuphumula kwesabatha. Ngokuba ongenile ekuphumuleni kwakhe yena uphumula emisebenzini yakhe njengoNkulunkulu kweyakhe.
    KumaHeberu 4:9, 10