Ukuncika eNkosini


  • UMose wathi kubantu: “Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla, ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.” 14 UJehova uzakunilwela, nothula nina.
    Eksodusi 14:13, 14
  • “Nxa uphuma impi ukuhlasela izitha zakho, bese wubona amahhashi, nezinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, yena owakukhuphula ezweni laseGibithe.
    Duteronomi 20:1
  • UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.”
    Duteronomi 31:8
  • Umuntu oyedwa uxoshile inkulungwane, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilwelayo, njengalokho ebekhuluma kini.
    Joshuwa 23:10
  • “Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.
    1 Samuweli 2:9
  • UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lalabo abangasokile; ingabe uJehova uyakusisebenzela, ngokuba akukho okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.”
    1 Samuweli 14:6
  • yazi yonke le nhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.”
    1 Samuweli 17:47
  • “Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningapheli amandla ngenkosi yase-Asiriya nangesixuku sonke esinayo, ngokuba onathi mkhulu kunonaye; okunaye yingalo yenyama; okunathi nguJehova uNkulunkulu wethu ukuba asisize, alwe izimpi zethu.” Abantu bencika emazwini kaHezekiya inkosi yakwaJuda.
    2 IziKronike 32:7, 8
  • Izinyathelo zami zinamathela ezinyaweni zakho, izinyawo zami azisheleli.
    AmaHubo 17:5
  • ElikaDavide. Ngahlulele, Jehova, ngokuba ngihamba ekulungeni kwami; ngithemba uJehova, angiyikuntenga.
    AmaHubo 26:1
  • Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni, ngokuba ukusiza komuntu kuyize.
    AmaHubo 60:11
  • Mphefumulo wami, zithulisele kuNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye.
    AmaHubo 62:5
  • Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe, abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo. ... Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.
    AmaHubo 84:5, 7
  • Akesabi imibiko emibi; inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova. Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi, aze azibuke izitha zakhe ziphansi.
    AmaHubo 112:7, 8
  • Kuhle ukuphephela kuJehova kunokwethemba umuntu.
    AmaHubo 118:8
  • Ngizwise umusa wakho ekuseni, ngokuba ngiyethemba kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.
    AmaHubo 143:8
  • Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.
    IzAga 3:5, 6
  • Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula, amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba; kepha anithandanga.
    Isaya 30:15
  • Yayisithatha isho kimi, ithi: “Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi:‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.
    Zakariya 4:6
  • “Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.
    Johane 15:5
  • ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe; lokhu kuyinqobo enqobe izwe:ukukholwa kwethu.
    1 Johane 5:4