Ubunzima


  • Imbiza yempuphu ayiphelanga, nophiso lwamafutha aluswelanga njengezwi likaJehova alikhulumile ngesandla sika-Eliya.
    1 AmaKhosi 17:16
  • Endlaleni uyakukuhlenga ekufeni nasempini emandleni enkemba.
    Jobe e 5:20
  • UJehova uyinqaba yocindezelweyo, uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka. Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena; ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.
    AmaHubo 9:9, 10
  • UJehova uyazazi izinsuku zabaqotho; ifa labo liyakuma kuze kube phakade. Abayikujabha esikhathini esibi; bayakusutha ezinsukwini zendlala.
    AmaHubo 37:18, 19
  • Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.
    AmaHubo 37:25
  • Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. Nge-Alamoti. Igama. UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni. Ngakho-ke asiyikwesaba nokuba kuguquka umhlaba, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle, nokuba amanzi alo ehlokoma, ekhephuza, nezintaba zizamazama ngokukhukhumala kwalo.
    AmaHubo 46:1-3
  • Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela
    AmaHubo 62:8
  • uthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami noNkulunkulu wami engimethembayo.”
    AmaHubo 91:2
  • Wendlala ifu lokubasibekela, nomlilo wokukhanyisa ebusuku. Bacela, waletha izigwaca, wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini. Wavula idwala, kwampompoza amanzi, agobhoza emahlane njengomfula.
    AmaHubo 105:39-41
  • Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokushileyo, ngithulule uMoya wami phezu kwenzalo yakho, nesibusiso sami phezu kwabantwana bakho;
    Isaya 44:3
  • Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na? Ngakho-ke ningakhathazeki nithi:‘Siyakudlani?’ noma:‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’
    Mathewu 6:30, 31
  • Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na? Kulotshiwe ukuthi: “Ngenxa yakho sibulawa usuku lonke, sithiwa izimvu zokuhlatshwa.” Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo. Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.
    AmaRoma 8:35-39
  • Siyacindezelwa nxazonke, kodwa asinyinyekile; siyaxakeka, kodwa asidikibali; siyazingelwa, kodwa asidelwa; siwiswa phansi, kodwa asibhujiswa;
    2 Korinte 4:8, 9
  • Owesifazane wayesebalekela ehlane, lapho enendawo ayilungiselwe nguNkulunkulu, ukuba bamondle izinsuku eziyinkulumgwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha.
    Isambulo 12:6
  • Ubopha amanzi emafwini akhe; ifu alidabuki phansi kwawo. Uyasibekela ubuso besihlalo sakhe sobukhosi; uyeneka ifu lakhe phezu kwaso. Uyingiliza ngomudwa phezu kobuso bamanzi, kuze kuphele ukukhanya ebumnyameni.
    Jobe e 26:8-10
  • Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. Nge-Alamoti. Igama. UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni. Ngakho-ke asiyikwesaba nokuba kuguquka umhlaba, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle, nokuba amanzi alo ehlokoma, ekhephuza, nezintaba zizamazama ngokukhukhumala kwalo. Sela
    AmaHubo 46:1-3
  • Wena uyabusa ukukhukhumala kolwandle; uma kuphakama amadlambi alo, uyawathulisa.
    AmaHubo 89:9
  • UJehova ophakeme unamandla kunokuholoba kwamanzi amaningi, kunokuduma kwamadlambi olwandle.
    AmaHubo 93:4
  • Wathulisa isiphepho, kwaze kwaba ngukuthula, kwathula namadlambi olwandle.
    AmaHubo 107:29
  • Kuyakuba khona idokodo, libe ngumthunzi ekushiseni kwemini nesiphephelo nesivikelo esivunguvungwini nasemvuleni.
    Isaya 4:6
  • Ngokuba ubuyinqaba kwabampofu, inqaba kwabaswelayo ekucindezelweni kwabo, isiphephelo esivunguvungwini, umthunzi ekubaleleni, ngokuba umoya waba nonya, unjengesivunguvungu odongeni,
    Isaya 25:4
  • Ngokuba ubuyinqaba kwabampofu, inqaba kwabaswelayo ekucindezelweni kwabo, isiphephelo esivunguvungwini, umthunzi ekubaleleni, ngokuba umoya waba nonya, unjengesivunguvungu odongeni,
    Isaya 43:2
  • UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko, uyabazi abaphephela kuye.
    Nahume 1:7
  • Wayesethi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na?” Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu. Kepha abantu bamangala, bathi: “Unjani lo ukuba nomoya nolwandle kumlalele na?”
    Mathewu 8:26, 27
  • Bhekani, ngininikile igunya lokunyathela izinyoka nawofezela naphezu kwamandla onke esitha; anisoze noniwa lutho.
    Luka 10:19