Levitikusi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27

0:00
0:00

Isahluko 11

UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi kubo:
2 “Yishoni kubantwana bakwa-Israyeli, nithi: ‘Yilokhu okuphilayo eningakudla kuzo zonke izilwane zasemhlabeni:
3 zonke ezahlukanisa inselo, nezidabula inselo kabili, nezetshisayo kuzo izilwane, lezo ningazidla.
4 “ ‘Kepha lezi aniyikuzidla kwezetshisayo nakwezahlukanisa inselo: ikamela, ngokuba liyetshisa, lingahlukanisi kodwa inselo; lingcolile kini;
5 nembila, ngokuba iyetshisa, ingahlukanisi kodwa inselo; ingcolile kini;
6 nonogwaja, ngokuba uyetshisa, engahlukanisi kodwa inselo; ungcolile kini;
7 nengulube, ngokuba iyahlukanisa inselo, idabula inselo kabili, ingetshisi kodwa; ingcolile kini.
8 Ningadli inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo; zingcolile kini.
9 “ ‘Lezi ningazidla kuzo zonke ezisemanzini: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe ezisemanzini neziselwandle nezisemifuleni, lezo ningazidla.
10 Kepha zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe eziselwandle nezisemifuleni, nazo zonke eziswebezelayo emanzini, nazo zonke izinto eziphilayo emanzini ziyisinengiso kini.
11 Zoba yisinengiso kini; ningadli inyama yazo; izidumbu zazo ziyakunengeka kini.
12 Zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe emanzini ziyisinengiso kini.
13 “ ‘Yilezi eniyakunengwa yizo ezinyonini; aziyikudliwa, ziyisinengiso: ukhozi, nenqe, nengqungqulu,
14 nonhloyile, noheshe ngezinhlobo zakhe,
15 nawo onke amagwababa ngezinhlobo zawo,
16 nentshe, nenkovana, nenkanu, noklebe ngezinhlobo zakhe,
17 nesikhova, nomphishamanzi, nomxwagele,
18 nefukezi, nevuba, nophalane,
19 nonogolantethe, nonozalizingwenya ngezinhlobo zakhe, noziningweni, nelulwane.
20 “ ‘Nezilwanyana zonke ezinamaphiko, ezihamba ngezinyawo zozine, ziyisinengiso kini.
21 Kepha lezi ningazidla kuzo zonke izilwanyana ezinamaphiko, ezihamba ngezinyawo zozine, ezinamanqina ngaphezu kwezinyawo zazo ukuxhuma ngazo emhlabeni;
22 kuzo ningadla lezi: isikhonyane ngezinhlobo zaso, namaboni ngezinhlobo zawo, namadiye ngezinhlobo zawo, nezintethe ngezinhlobo zazo.
23 Kepha zonke ezinye izilwanyana ezinamaphiko nezinyawo ezine ziyisinengiso kini.
24 “ ‘Niyakungcoliswa yilezi: bonke abathinta izidumbu zazo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.
25 Bonke abathwala utho lwezidumbu zazo bayakuhlanza izingubo zabo, babe ngabangcolile kuze kuhlwe.
26 “ ‘Zonke izilwane ezahlukanisa inselo, zingayidabuli kabili kodwa, zingetshisi, zingcolile kini; bonke abazithintayo bayakuba ngabangcolile.
27 Nazo zonke ezihamba ngezidladla kuzo zonke izilwane ezihamba ngezinyawo ezine zingcolile kini; bonke abathinta izidumbu zazo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.
28 Othwala izidumbu zazo makahlanze izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; zingcolile kini.
29 “ ‘Lezi zingcolile kini kuzo izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni: uchakide, nempuku, noxamu ngezinhlobo zakhe,
30 nesigcilikisha, nesiquzi, nentulo, nesibankwa, nonwabu.
31 Yilezo ezingcolile kini phakathi kwezilwanyana ezinwabuzelayo; bonke abazithintayo sezifile bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.
32 Konke esiwela phezu kwakho esinye sazo sezifile kuyakuba ngokungcolile, noma kuyinto yomuthi noma yingubo noma yisikhumba noma yisaka noma yintoni okusetshenzwa ngayo; makufakwe emanzini, kube ngokungcolile kuze kuhlwe; khona kuyakuhlanzeka.
33 Nezitsha zonke esiwela kuzo esinye sazo, noma yintoni ephakathi kwazo iyakuba ngengcolile, nize nizaphule.
34 Konke ukudla okudliwayo okukuzo, afika kukho futhi amanzi anjalo, kuyakuba ngokungcolile, nakho konke okuphuzwayo kuzo izitsha ezinjalo kuyakuba ngokungcolile.
35 Konke esiwela kukho isidumbu sazo kuyakuba ngokungcolile, noma iziko noma ikhanzi; makuphohlozwe; kungcolile, kuyakuba ngokungcolile kini.
36 Kepha umthombo nomgodi lapho amanzi eqoqene khona uyakube uhlambulukile, kodwa okuthinta izidumbu zazo kuyakuba ngokungcolile.
37 Uma izidumbu zazo ziwela phezu kwembewu etshalwayo ezakuhlwanyelwa, iyakuba ngehlambulukile.
38 Kepha uma amanzi ethelwa embewini, izidumbu zazo ziwele phezu kwayo, ingcolile kini.
39 “ ‘Uma kufa isilwane esidliwayo, othinta isidumbu saso uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.
40 Odla isidumbu saso makahlanze izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; nothwala isidumbu saso makahlanze izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
41 “ ‘Zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ziyisinengiso; mazingadliwa.
42 Zonke ezihamba ngesisu, nazo zonke ezihamba ngezinyawo ezine noma ngeziningi, nazo zonke ezinwabuzelayo emhlabeni, ningazidli, ngokuba ziyisinengiso.
43 Ningazenzi ninengeke ngezilwanyana ezinwabuzelayo, ningazingcolisi ngazo, funa ningcole ngazo.
44 Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu; ngalokho zingcweliseni, nibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele; ningazingcolisi ngezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.
45 Ngokuba nginguJehova owakukhuphula ezweni laseGibithe, ngibe nguNkulunkulu wenu; ngalokho yibani ngcwele, ngokuba ngingcwele.
46 “ ‘Yilowo umthetho wezilwane nowezinyoni nowezilwane zonke eziswebezelayo emanzini, nowezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni,
47 ukuba kwahlukaniswe okungcolileyo nokuhlambulukileyo, okuphilayo okudliwayo nokuphilayo okungadliwayo.’ ”