Levitikusi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27

0:00
0:00

Isahluko 14

UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Lo uyakuba ngumthetho wonochoko ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe: wolethwa kumpristi,
3 umpristi aphume ekamu, umpristi abheke; uma isifo sochoko sipholile konochoko,
4 bheka, umpristi makayale ukuba oyakuhlanjululwa athathelwe izinyoni ezimbili ezihlambulukileyo nomsedari nendwangu ebomvu nehisopi,
5 umpristi ayale ukuba ihlatshwe enye yezinyoni esitsheni sebumba phezu kwamanzi agobhozayo.
6 Inyoni ezwayo uyakuyithatha kanye nomsedari nendwangu ebomvu nehisopi, akugcobhoze kanye nenyoni ezwayo egazini lenyoni eyahlatshwa phezu kwamanzi agobhozayo,
7 amfafaze kasikhombisa oyakuhlanjululwa ochokweni lwakhe, asho athi uhlambulukile, ayiyeke inyoni ezwayo, iphumele endle.
8 “Oyakuhlanjululwa makahlanze izingubo zakhe, aphucule zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke; emva kwalokho uyakungena ekamu, kepha ahlale ngaphandle kwetende lakhe izinsuku eziyisikhombisa.
9 Kuyakuthi ngosuku lwesikhombisa aphucule zonke izinwele zekhanda lakhe nesilevu sakhe namashiya akhe, yebo, aphucule zonke izinwele zakhe, ahlanze izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, ahlambuluke.
10 “Ngosuku lwesishiyagalombili wothatha izimvu zamaduna ezimbili ezingenasici, nexhukazi elinomnyaka munye elingenasici, nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo, kube ngumnikelo wempuphu, kuxovwe namafutha nelogi lamafutha.
11 Umpristi ohlambululayo uyakumbeka umuntu oyakuhlanjululwa kanye nalezo zinto phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana;
12 umpristi athabathe enye imvu yeduna, anikele ngayo ibe ngumnikelo wecala, nelogi lamafutha, akuzulise kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova;
13 uyakuhlaba imvu yeduna endaweni lapho kuhlatshwa khona umnikelo wesono nomnikelo wokushiswa, indawo engcwele, ngokuba umnikelo wecala ungowompristi njengomnikelo wesono; ungcwelengcwele.
14 Umpristi wothabatha igazi kuwo umnikelo wecala, umpristi alibhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene,
15 umpristi athabathe kulo ilogi lamafutha, awathele entendeni yesakhe isandla sokhohlo;
16 umpristi agcobhoze umunwe wakhe wokunene emafutheni asesandleni sakhe sokhohlo, afafaze ngamafutha phambi kukaJehova kasikhombisa ngomunwe wakhe.
17 Amafutha aseleyo asesandleni sakhe umpristi uyakuwabheca esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene, phezu kwegazi lomnikelo wecala.
18 Amafutha aseleyo asesandleni sompristi uyakuwafaka ekhanda loyakuhlanjululwa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova.
19 “Umpristi wonikela ngomnikelo wesono, amenzele oyakuhlanjululwa ukubuyisana ngenxa yokungcola kwakhe, andukuba ahlabe umnikelo wokushiswa,
20 umpristi anikele ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu e-altare, umpristi amenzele ukubuyisana, ahlambuluke.
21 “Uma empofu, engenakuphumelela kulokho, wothabatha imvu yeduna ibe ngumnikelo wecala, uzuliswe ukumenzela ukubuyisana, nokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu, nelogi lamafutha,
22 namahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, njengalokho angaphumelela kukho, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa.
23 “Ngosuku lwesishiyagalombili awalethe kumpristi ngasemnyango wetende lokuhlangana phambi kukaJehova ngenxa yokuhlanjululwa kwakhe.
24 Umpristi abesethabatha imvu yomnikelo wecala nelogi lamafutha, umpristi akuzulise kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova;
25 ahlabe imvu yomnikelo wecala, umpristi athabathe kulo igazi lomnikelo wecala, alibhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene;
26 umpristi athele amafutha entendeni yesakhe isandla sokhohlo kasikhombisa;
27 umpristi afafaze ngamafutha asesandleni sakhe sokhohlo kasikhombisa phambi kukaJehova ngomunwe wakhe wokunene;
28 umpristi athabathe kuwo amafutha asesandleni sakhe, awabhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene, endaweni yegazi lomnikelo wecala;
29 amafutha aseleyo asesandleni sompristi wowabeka ekhanda loyakuhlanjululwa ukumenzela ukubuyisana phambi kukaJehova.
30 Uyakunikela ngelinye lamahobhe noma ngelamaphuphu amajuba, njengalokho angaphumelela kukho,
31 yebo, njengalokho angaphumelela kukho, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa kanye nomnikelo wempuphu, umpristi amenzele ukubuyisana oyakuhlanjululwa phambi kukaJehova.”
32 Lowo ungumthetho wakhe isifo sochoko esikuye, ongenakuphumelela kulokho okuqondene nokuhlambuluka kwakhe.
33 UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
34 “Kuyakuthi lapho senifikile ezweni laseKhanani engininika lona libe yifa lenu, ngifake isifo sochoko endlini yezwe eniliphiweyo,
35 umninindlu makeze amtshele umpristi, athi: ‘Kungathi kubonakele isifo endlini.’
36 Umpristi woyala ukuba bakhiphe okuphakathi endlini, engakangeni umpristi ukuyobona isifo, ukuze kungangcoli konke okusendlini, andukuba umpristi angene ukubona indlu.
37 Abesebheka ibala; uma ibala lisezindongeni zendlu, linemishwe eluhlazana noma ebomvana, libonakala lishonile kunodonga,
38 bheka, khona umpristi wophuma endlini, aye ngasemnyango wendlu, ayivale indlu izinsuku eziyisikhombisa,
39 umpristi abuye ngosuku lwesikhombisa, abheke; uma ibala landile odongeni lwendlu,
40 bheka, khona umpristi woyala ukuba bakhiphe amatshe isifo esikuwo, bawalahle endaweni engcolileyo ngaphandle komuzi;
41 indlu iphalwe phakathi nxazonke, bathele udaka oluphaliweyo endaweni engcolileyo ngaphandle komuzi.
42 Bothabatha amanye amatshe, bawafake endaweni yalawo matshe, bathabathe olunye udaka, bayinameke indlu.
43 “Uma isifo sibuye siqhamuka endlini emva kokukhishwa kwamatshe nasemva kokuphalwa kwendlu nasemva kokunamekwa kwayo,
44 umpristi uyakungena abheke; uma isifo sandile endlini, bheka, kuluchoko olubi endlini; ingcolile.
45 Woyibhidliza, amatshe ayo namapulangwe ayo nalo lonke udaka lwendlu akukhiphe emzini, akulahle endaweni engcolileyo.
46 “Ongena endlini ngezinsuku isavaliwe uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.
47 Olala endlini makahlanze izingubo zakhe; nodlayo endlini makahlanze izingubo zakhe.
48 “Uma umpristi engena azobheka, isifo singandile endlini emva kokunamekwa kwendlu, bheka, khona umpristi uyakusho athi indlu ihlambulukile, ngokuba isifo sipholile.
49 Wothabatha, ukuba ahlambulukise indlu, izinyoni ezimbili nomsedari nendwangu ebomvu nehisopi,
50 ahlabe enye yezinyoni esitsheni sebumba phezu kwamanzi agobhozayo,
51 athabathe umsedari nehisopi nendwangu ebomvu nenyoni ezwayo, akugcobhoze egazini lenyoni ehlatshiweyo nasemanzini agobhozayo, afafaze indlu kasikhombisa,
52 ahlambulule indlu ngegazi lenyoni ezwayo nangomsedari nangehisopi nangendwangu ebomvu,
53 ayiyeke inyoni ezwayo, iphume emzini iye endle, ayenzele kanjalo indlu ukubuyisana; iyakuhlambuluka.”
54 Lowo ungumthetho wesifo sochoko esiyizinhlobonhlobo nowomuna,
55 nowochoko lwengubo nolwendlu,
56 nowedunguza nowotwayi nowebala elikhanyayo,
57 ukufundisa nxa kungcolile nanxa kuhlambulukile; yilowo ongumthetho wochoko.