Levitikusi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27

0:00
0:00

Isahluko 22

UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe ukuba bahlukane nezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abangingcwelisela zona, bangalihlambalazi igama lami elingcwele; nginguJehova.
3 “Yisho kubo ukuthi: ‘Yilowo nalowo wenzalo yenu yonke ezizukulwaneni zenu osondela ezintweni ezingcwele abantwana bakwa-Israyeli abazingcwelisela uJehova, esengcolile, lowo muntu uyakunqunywa, angabikho phambi kwami; nginguJehova.
4 “ ‘Yilowo nalowo wenzalo ka-Aroni onochoko noma ocucuzayo akayikudla izinto ezingcwele aze ahlambuluke. Nalowo othinta okungcolile ngabafileyo, noma umuntu oshaywa yizibuko,
5 nalowo othinta okunwabuzelayo angangcoliswa ngakho, noma umuntu angangcoliswa ngaye, nakuba enokungcola kuni,
6 umuntu othinta okunjalo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe, angazidli izinto ezingcwele, uma engagezi umzimba wakhe ngamanzi.
7 Selishonile ilanga uyakuba ngohlambulukile, andukuba adle izinto ezingcwele, ngokuba ziyisinkwa sakhe.
8 Ingcuba nokudweshulwe yizilo akayikukudla ukuzingcolisa ngakho; nginguJehova.
9 “ ‘Ngalokho abogcina isiyalezo sami, funa babe nesono ngaso, bafele kuso, uma besihlambalaza, nginguJehova obangcwelisayo.
10 “ ‘Umfokazi akayikudla okungcwele; umuntu ogogobeleyo wompristi noma umqashwa angadli okungcwele.
11 Kepha uma umpristi ethenga umuntu eyintengo yemali yakhe, yena angakudla; nabazelwe emzini wakhe bangadla isinkwa sakhe.
12 Uma indodakazi yompristi igana umfokazi, yona mayingadli emnikelweni wokuphakanyiswa wezinto ezingcwele.
13 Kepha uma indodakazi yompristi ingumfelokazi noma ingolahliweyo ingenamntwana, bese yibuyela endlini kayise njengasebusheni bayo, iyakudla isinkwa sikayise; kepha umfokazi makangasidli.
14 “ ‘Uma umuntu edla okungcwele engazi, wothasisela okwesihlanu kwakho, amnike umpristi okungcwele.
15 Abayikuhlambalaza izinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngazo kuJehova,
16 bangabethwesi ububi obutholisa icala, lapho bedla izinto zabo ezingcwele; ngokuba nginguJehova obangcwelisayo.’ ”
17 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
18 “Yisho ku-Aroni, nakumadodana akhe, nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilowo nalowo wendlu ka-Israyeli noma umfokazi kwa-Israyeli onikela ngomnikelo wakhe, noma owesithembiso sakhe noma oweminikelo yakhe yesihle, okunikelwa ngayo kuJehova ibe ngumnikelo wokushiswa,
19 ukuze namukeleke, wonikela ngeduna elingenasici lezinkomo, elezimvu noma elezimbuzi.
20 Noma yintoni enesici aniyikunikela ngayo; ngokuba aniyikwamukeleka ngayo.
21 Umuntu onikela ngomhlatshelo weminikelo yokuthula kuJehova ukugcwalisa isithembiso noma owomnikelo wesihle ezinkomeni noma ezimvini, umelwe ukuphelela ukuba wamukeleke, kungabi sici kuwo.
22 Ephuphuthekayo noma eyaphukileyo noma elimeleyo noma enesilonda noma enokhwekhwe noma enomuna, ninganikeli ngazo kuJehova, futhi ninganikeli ngazo zibe ngumnikelo womlilo e-altare kuJehova.
23 Inkunzi noma imvana enesitho esidluleleyo noma enesitho esincane, unganikela ngazo zibe ngumnikelo wesihle, kepha uma ungowesithembiso awunakwamukeleka.
24 Aniyikunikela kuJehova ngento etheniwe ngokukhandwa noma ngokuchotshozwa noma ngokudwengulwa noma ngokunqunywa; ningenzi kanjalo ezweni lakini.
25 Aniyikwamukela esandleni sowezizwe, ninikele ngezinjalo zibe yisinkwa sikaNkulunkulu wenu, ngokuba ukonakala kwazo kukuzo, zinobulima; aniyikwamukeleka ngazo.’ ”
26 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
27 “Nxa kuzalwa inkunzi noma imvu noma imbuzi, iyakuhlala kunina izinsuku eziyisikhombisa; kusukela osukwini lwesishiyagalombili nangasemuva iyakwamukelwa ibe ngumnikelo womlilo kuJehova.
28 Noma kuyinkomazi noma imvukazi, aniyikuyihlaba kanye nomntwana wayo ngalusuku lunye.
29 “Nxa nihlabela uJehova umhlatshelo wokubonga, niyakumhlabela ukuba namukeleke.
30 Uyakudliwa ngalolo suku, ningashiyi lutho lwawo kuze kuse; nginguJehova.
31 “Ngalokho anogcina imiyalo yami, niyenze; nginguJehova.
32 Ningahlambalazi igama lami elingcwele; kepha ngiyakungcweliswa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; nginguJehova oningcwelisayo,
33 owanikhipha ezweni laseGibithe, ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguJehova.”