Joshuwa

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24

0:00
0:00

Isahluko 19

Inkatho yesibili yadla uSimeyoni, isizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo; ifa labo laliphakathi kwefa labantwana bakwaJuda.
2 Ifa labo laliyiBeri Sheba, neSheba, neMolada,
3 neHasari Shuwali, neBala, ne-Eseme,
4 ne-Elitoladi, neBethuli, neHorma,
5 neSikilagi, neBeti Marikaboti, neHasari Susa,
6 neBeti Lebawoti, neSharuheni, imizi iyishumi nantathu nemizana yayo;
7 i-Ayini, neRimoni, ne-Etere, ne-Ashani, imizi mine nemizana yayo,
8 nayo yonke imizana eyayinxazonke zaleyo mizi kuze kube seBalati Beri, iRama laseNingizimu. Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo.
9 Ifa labantwana bakwaSimeyoni lavela esabelweni sabantwana bakwaJuda, ngokuba isabelo sabantwana bakwaJuda sasisikhulu kubo; ngalokho abantwana bakwaSimeyoni babenefa phakathi kwefa labo.
10 Inkatho yesithathu yadla abantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo; umkhawulo wefa labo wafika eSaridi;
11 umkhawulo wabo wenyukela ngasentshonalanga kuze kube seMarala, wafinyelela naseDabesheti, wafinyelela nasemfuleni ongasempumalanga kwaseJokineyamu,
12 wajika wasuka eSaridi ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga, kuze kube semkhawulweni waseKisiloti Thabori, waphuma waya eDaberati, wenyukela eJafiya;
13 kusukela lapho wadlula waya ngasempumalanga eGati Heferi, nase-Eti Kasini, waphuma waya eRimoni elifika naseNeya;
14 umkhawulo wawusujika ngasenyakatho kwalo, waya eHanathoni; ukuphuma kwawo kwakungasesigodini saseJifitayeli;
15 neKathati, neNahalali, neShimroni, neJidala, neBetlehema, imizi iyishumi nambili nemizana yayo.
16 Lokho kwakuyifa labantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo, leyo mizi kanye nemizana yayo.
17 Inkatho yesine yadla u-Isakare, abantwana bakwa-Isakare ngemindeni yabo.
18 Umkhawulo wabo wawuyiJizreyeli, neKesuloti, neShunemi,
19 neHafarayimi, neShiyoni, ne-Anaharati,
20 neRabiti, neKishiyoni, ne-Ebesi,
21 neRemeti, ne-Eni Ganimi, ne-EniHada, neBeti Phasesi;
22 umkhawulo wafinyelela eThabori, naseShahasuma, naseBeti Shemeshi; ukuphuma komkhawulo wabo kwakuseJordani, imizi iyishumi nesithupha nemizana yayo.
23 Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwa-Isakare ngemindeni yabo, imizi kanye nemizana yayo.
24 Inkatho yesihlanu yadla isizwe sabantwana bakwa-Asheri ngemindeni yabo.
25 Umkhawulo wabo wawuyiHelikati, neHali, neBetheni, ne-Akishafu,
26 ne-Alameleki, ne-Amadi, neMishali; wafinyelela eKarmeli ngasentshonalanga, naseShihori Libinati;
27 wajika ngasempumalanga, waya eBeti Dagoni, wafinyelela kwaZebuloni nasesigodini saseJifitayeli ngasenyakatho ukuya eBeti Emeki naseNeyiyeli, waphumela eKabuli ngakwesokhohlo;
28 ne-Ebironi, neRehobi, neHamoni, neKhana, neSidoni Elikhulu;
29 umkhawulo wajika waya eRama, nasemzini obiyelweyo waseTire; umkhawulo wajika waya eHosa; ukuphuma kwawo kwakuselwandle ngasezweni lase-Akizibi;
30 ne-Uma, ne-Afeki, neRehobi, imizi ingamashumi amabili nemizana yayo.
31 Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwa-Asheri ngemindeni yabo, leyo mizi kanye nemizana yayo.
32 Inkatho yesithupha yadla abantwana bakwaNafetali, abantwana bakwaNafetali ngemindeni yabo.
33 Umkhawulo wabo wasuka eHelefi, kulo i-oki laseSahananimi, nase-Adami Nekebi, naseJabineyeli, waze wafika eLakumi; ukuphuma kwawo kwakungaseJordani;
34 umkhawulo wawusujika ngasentshonalanga, waya e-Azinoti Thabori; waphuma lapho, waya eHukoki; wafinyelela kwaZebuloni ngaseningizimu, wafinyelela kwa-Asheri ngasentshonalanga nakwaJuda ngaseJordani ngasempumalanga.
35 Imizi ebiyelweyo yayiyiSidimi, neSeri, neHamati, neRakati, neKinereti,
36 ne-Adama, neRama, neHasori,
37 neKedeshi, ne-Edireyi, ne-EniHasori,
38 neJireyoni, neMigidaliyeli, neHoremi, neBeti Anati, neBeti Shemeshi, imizi iyishumi nesishiyagalolunye nemizana yayo.
39 Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaNafetali ngemindeni yabo, imizi kanye nemizana yayo.
40 Inkatho yesikhombisa yadla abantwana bakwaDani ngemindeni yabo.
41 Umkhawulo wefa labo wawuyiSora, ne-Eshitawoli, ne-Iri Shemeshi,
42 neShahalabini, ne-Ajaloni, neJitila,
43 ne-Eloni, neThimna, ne-Ekroni,
44 ne-Eliteke, neGibethoni, neBalati,
45 neJehudi, neBene Beraki, neGati Rimoni,
46 neMe Jarikhoni, neRakhoni, kanye nomkhawulo malungana neJafo.
47 Umkhawulo wabantwana bakwaDani waphuma kuwo; kepha abantwana bakwaDani bakhuphuka balwa neLeshemu, balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, balidla, bakha kulo, baliqamba iLeshemu ngokuthi iDani ngegama likaDani uyise.
48 Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaDani ngemindeni yabo, leyo mizi kanye nemizana yayo.
49 Base beqeda ukwabelana izwe libe yifa ngemikhawulo yalo; abantwana bakwa-Israyeli bamnika uJoshuwa indodana kaNuni ifa phakathi kwabo;
50 ngesiyalezo sikaJehova bamnika umuzi awucelayo, iThimnati Sera, ezintabeni zakwa-Efrayimi; wakha umuzi, wahlala kuwo.
51 Lawo angamafa abawabela ngenkatho u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli eShilo phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana. Baqeda-ke ukwabela izwe.