Joshuwa

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24

0:00
0:00

Isahluko 9

Kwathi lapho onke amakhosi ayengaphesheya kweJordani, ezintabeni, nasemathafeni, nasogwini lonke loLwandle Olukhulu olubhekene neLebanoni, amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, esezwa lokho,
2 abuthana ndawonye ukuba alwe noJoshuwa no-Israyeli nganhliziyonye.
3 Kepha bathi ukuba abakhileyo eGibeyoni bezwa lokho uJoshuwa ayekwenzile kulo iJeriko ne-Ayi,
4 nabo benza ubuqili, bahamba bazenzisa kwangathi bayizithunywa, babeka amasaka agugileyo ezimbongolweni zabo, nezimvaba zewayini ezigugileyo neziklebhukileyo, ebesezithungiwe,
5 nezicathulo ezigugileyo eziciciyelweyo zisezinyaweni zabo, bembethe nezingubo ezigugileyo; isinkwa sonke somphako wabo sasomile, sikhuntile.
6 Baya kuJoshuwa ekamu laseGiligali, bathi kuye nakumadoda akwa-Israyeli: “Sivela ezweni elikude; ngalokho manenze manje isivumelwano nathi.”
7 Amadoda akwa-Israyeli athi kumaHivi: “Mhlawumbe nakhile phakathi kwethu; singenza kanjani isivumelwano nani na?”
8 Bathi kuJoshuwa: “Siyizinceku zakho.” UJoshuwa wathi kubo: “Ningobani, futhi nivelaphi na?”
9 Bathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba siluzwile udumo lwakhe, nakho konke akwenzayo eGibithe,
10 nakho konke akwenza kuwo amakhosi omabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani, eyayise-Ashitaroti.
11 Amalunga ethu nabo bonke abakhileyo ezweni lakithi bakhuluma kithi, bathi: ‘Phathani ezandleni zenu umphako wendlela, niye nibahlangabeze, nithi kubo: “Siyizinceku zenu; manenze isivumelwano nathi.” ’
12 Lesi sinkwa somphako wethu sasithatha sisashisa ezindlini zethu ngosuku esaphuma ngalo ukuba siye kini; kepha manje, bhekani, sesomile, sikhuntile;
13 lezi zimvaba zewayini esazigcwalisa zazizintsha; bhekani, seziklebhukile; lezi zingubo zethu nezicathulo zethu sezigugile ngenxa yendlela ende kakhulu.”
14 Amadoda ayesethatha emphakweni wabo engabuzanga umlomo kaJehova.
15 UJoshuwa wabethembisa ukuthula, wenza isivumelwano nabo ukuba baphile; izikhulu zenhlangano zafunga kubo.
16 Kwathi emva kwezinsuku ezintathu sebesenzile isivumelwano nabo, bezwa ukuthi bangabakhelwane babo nokuthi bahlala phakathi kwabo.
17 Abantwana bakwa-Israyeli base besuka, bafika emizini yabo ngosuku lwesithathu; imizi yabo yayiyiGibeyoni, neKefira, neBeroti, neKiriyati Jeharimi.
18 Abantwana bakwa-Israyeli ababachithanga, ngokuba izikhulu zenhlangano zazifungile kubo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. Yonke inhlangano yakhonona ngezikhulu.
19 Zonke izikhulu zase zithi kuyo yonke inhlangano: “Sifungile kubo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; ngalokho asinakubathinta manje.
20 Siyakwenza lokho kubo, sibayeke baphile, funa sehlelwe lulaka ngenxa yesifungo esasifunga kubo.”
21 Izikhulu zase zithi kubo: “Mabayekwe baphile; baba ngabagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo yonke inhlangano njengalokho izikhulu zazibatshelile.”
22 UJoshuwa wababiza, wakhuluma kubo, wathi: “Nisikhohliseleni ngokuthi: ‘Sikude kakhulu nani,’ lokhu nakhile phakathi kwethu, na?
23 Ngalokho seniqalekisiwe, akuyikunqamuka ukuvela kini izigqila, abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo indlu kaNkulunkulu wami.”
24 Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Kungokuba izinceku zakho zatshelwa nokutshelwa ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wayala inceku yakhe uMose ukuba aninike izwe lonke, achithe bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu; ngalokho sesaba kakhulu ngokuphila kwethu ngenxa yenu, sakwenza lokho.
25 Bheka, manje sesisesandleni sakho; okuhle nokulungile emehlweni akho ukuba ukwenze kithi, kwenze.”
26 Wayesenze njalo kubo, wabophula esandleni sabantwana bakwa-Israyeli, baze bangababulali.
27 UJoshuwa wabenza ngalolo suku abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo inhlangano nakulo i-altare likaJehova kuze kube namuhla endaweni abeyakuyikhetha.