2 Samuweli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24

0:00
0:00

Isahluko 17

U-Ahithofeli wathi futhi ku-Abisalomu: “Mangikhethe manje abantu abayizinkulungwane eziyishumi nambili, ngisuke ngimxoshe uDavide ngalobu busuku,
2 ngimfikele ekhathele, eyethile, ngimesabise; bonke abantu abanye bayakubaleka, ngibulale inkosi kuphela,
3 ngibuyisele kuwe bonke abantu; umuntu omfunayo unjengokungathi bonke babuyile; bonke abantu bayakuba nokuthula.”
4 Leli zwi lamjabulisa u-Abisalomu nawo onke amalunga akwa-Israyeli.
5 Wayesethi u-Abisalomu: “Mawumbize noHushayi umArki, sizwe okusemlonyeni wakhe naye.”
6 UHushayi esefikile ku-Abisalomu, u-Abisalomu wakhuluma kuye, wathi: “U-Ahithofeli ukhulume kanjalo; siyakwenza njengokusho kwakhe na? Uma kungenjalo, khuluma wena.”
7 UHushayi wathi ku-Abisalomu: “Isiluleko u-Ahithofeli eluleke ngaso manje asisihle.”
8 Wathi futhi uHushayi: “Uyamazi uyihlo nabantu bakhe ukuthi bangamaqhawe nokuthi bacasukile ezinhliziyweni zabo njengebhere elaphucwe amazinyane alo endle; uyihlo uyindoda yempi, akayikuhlala nabantu.
9 Bheka, manje ucashile emgodini noma kwenye indawo; kuyakuthi lapho esebafikela ekuqaleni nje, okuzwayo athi: ‘Abantu abalandela u-Abisalomu banqotshiwe;’
10 naye onesibindi, onhliziyo yakhe injengenhliziyo yengonyama, uyakuphela amandla, ngokuba wonke u-Israyeli uyazi ukuthi uyihlo uyiqhawe, nabanaye bangamadoda anamandla.
11 “Ngalokho ngiyaluleka ukuba wonke u-Israyeli abuthane kuwe, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba, ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, wena uqobo lwakho uye empini.
12 Sesiyakumfikela endaweni ethile lapho engatholakala khona, simehlele njengokuwela kwamazolo emhlabathini; kuyena nabantu bonke abanaye asiyikushiya noyedwa.
13 Noma engena emzini, wonke u-Israyeli uyakuyisa amagoda kulowo muzi, siwuhudulele emfuleni, kungabe kusafunyanwa khona netshana elilodwa.”
14 U-Abisalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Isiluleko sikaHushayi umArki singcono kunesiluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uJehova wayenqumile ukuba kushafiswe isiluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uJehova amehlisele u-Abisalomu okubi.
15 UHushayi wayesethi kuSadoki naku-Abiyathara abapristi: “U-Ahithofeli weluleka u-Abisalomu namalunga akwa-Israyeli kanje nakanje; mina ngeluleke kanje nakanje.
16 Ngalokho thumelani masinyane nimtshele uDavide ukuthi: ‘Ungahlali ngasemazibukweni asehlane ngalobu busuku, kepha uwele nokuwela, funa inkosi igwinywe kanye nabantu bonke abanayo.’ ”
17 OJonathani no-Ahimahasi babehlala e-Eni Rogeli; incekukazi yayizinge ibatshela; bona bahamba bayibikela inkosi uDavide ukuba bangabonwa behamba beya emzini.
18 Kepha umfana wababona, wamtshela u-Abisalomu; base beshesha, bahamba bobabili, bafika endlini yomuntu waseBahurimi owayenomthombo egcekeni lakhe; behlela khona.
19 Owesifazane wathatha isimbozo, wasendlala phezu komlomo womthombo, weneka umqhazulo kuso, kungaziwa lutho.
20 Zase zifika izinceku zika-Abisalomu kowesifazane endlini, zathi: “Baphi o-Ahimahasi noJonathani na?” Owesifazane wathi kuzo: “Bawuwele umfudlana.” Sezibafunile zingabatholanga, zabuyela eJerusalema.
21 Kwathi sezimukile, baphuma emthonjeni, baya bayitshela inkosi uDavide, bathi kuDavide: “Sukani, nisheshe niwele amanzi, ngokuba u-Ahithofeli weluleke kanjalo ngani.”
22 UDavide wayesesuka nabo bonke abantu ababe naye, bawela iJordani; ngasekuseni akusalanga noyedwa ongaliwelanga iJordani.
23 Lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wayibophela imbongolo yakhe, wasuka, waya ekhaya emzini wakhe, wayala ngendlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.
24 UDavide wayesefika eMahanayimi. U-Abisalomu waliwela iJordani, yena nabo bonke abantu bakwa-Israyeli kanye naye.
25 U-Abisalomu wabeka u-Amasa phezu kwempi esikhundleni sikaJowabe. U-Amasa wayeyindodana yomuntu ogama lakhe lalingu-Itira umIsrayeli, owangena ku-Abigali indodakazi kaNahashi, udadewabo kaSeruya unina kaJowabe.
26 O-Israyeli no-Abisalomu bamisa ezweni lakwaGileyadi.
27 Kwathi uDavide esefikile eMahanayimi, uShobi indodana kaNahashi waseRaba labantwana bakwa-Amoni, noMakiri indodana ka-Amiyeli waseLo Debari, noBarizilayi wakwaGileyadi waseRogelimi
28 baletha amacansi, nemicengezi, nezitsha zebumba, nokolweni, nebhali, nempuphu notshwele, nobhontshisi, nembumba, nenhlosa,
29 nezinyosi, namangqanga, nezimvu, noshizi wezinkomo kuDavide nabantu ababe naye ukuba badle, ngokuba bathi: “Abantu balambile, bakhathele, bomile ehlane.”