2 Samuweli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24

0:00
0:00

Isahluko 22

UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule,
2 wathi: “UJehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;
3 uNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.
4 Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami.
5 “Ngokuba amaza okufa angihaqa; izikhukhula zokona zangethusa.
6 Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela.
7 Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe.
8 “Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezulu zathuthumela, zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.
9 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye.
10 Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.
11 Wakhwela phezu kwekherubi, wandiza; wabonwa emaphikweni omoya.
12 Wenza ubumnyama bube ngamadokodo amphahlayo, amanzi aqoqane, amafu abe nzima.
13 Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe kwavuthiswa amalahle omlilo.
14 UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.
15 Wathuma imicibisholo, wabangquzula, yebo, nonyazi, wabadidizelisa.
16 Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova, ngokufutha komoya wamakhala akhe.
17 Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi.
18 Wangophula esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile.
19 Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami.
20 Wangiphumisela endaweni ebanzi: wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.
21 “UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.
22 Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova; angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.
23 Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami, nezimiso zakhe angizivumanga ukuba zisuke kimi.
24 Ngangiphelele kuye; ngabuxwaya ububi.
25 UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami, njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe.
26 “Kothembekileyo uyazibonakalisa ethembekile; kumuntu oqotho uyazibonakalisa eqotho;
27 kohlanzekileyo uyazibonakalisa ehlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa enenkani.
28 Uyasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo akho aphezu kwabaqhoshileyo ukuba ubathobise.
29 Ngokuba wena uyisibani sami, Jehova; uJehova uyakhanyisa ubumnyama bami.
30 Ngokuba ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.
31 Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.
32 “Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?
33 UNkulunkulu uyangibhincisa amandla; uyenza indlela yami ilunge,
34 yena owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi, angimise emagqumeni ami;
35 ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.
36 Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho; ubumnene bakho bungikhulisile.
37 Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi.
38 “Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi.
39 Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami.
40 Wangibhincisa amandla okulwa; ababengivukele wabathobisa phansi kwami.
41 Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula.
42 Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula.
43 Ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.
44 “Wangikhulula ezimpini zabantu bami; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.
45 Abafo bazithoba phansi kwami; banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela.
46 Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumela.
47 “UJehova usekhona malidunyiswe idwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,
48 uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami;
49 ongikhiphile ezitheni zami, wangiphakamisa phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.
50 Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova, ngilihubele igama lakho.
51 Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.”