2 Samuweli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24

0:00
0:00

Isahluko 8

Kwathi emva kwalokho uDavide wawashaya amaFilisti, wawahlula, wathatha itomu lomzimkhulu esandleni samaFilisti.
2 Washaya nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa emhlabathini, wabalinganisa ngezintambo ezimbili abayakubulawa nangentambo epheleleyo abayakusindiswa. AbakwaMowabi base beba yizinceku zikaDavide, bathela intela.
3 UDavide wamshaya uHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba, ekuhambeni kwakhe ukubuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni.
4 UDavide wamaphuca abamahhashi abayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.
5 Ama-Aramu aseDamaseku esefika ukumsiza uHadadezeri inkosi yaseSoba, uDavide wabulala abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili kuma-Aramu.
6 UDavide wamisa amakhanda e-Aramu laseDamaseku, ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.
7 UDavide wathatha izihlangu zegolide ezazisezincekwini zikaHadadezeri, waziletha eJerusalema.
8 Emizini kaHadadezeri iBetha neBerothayi inkosi uDavide yathatha ithusi eliningi kakhulu.
9 Lapho uThoyi inkosi yaseHamati ezwa ukuthi uDavide ushayile yonke impi kaHadadezeri,
10 uThoyi wathuma uJoramu indodana yakhe enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadadezeri, yamnqoba, ngokuba uHadadezeri wayelokhu elwa noThoyi; esandleni sakhe wayenezitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezitsha zethusi.
11 Nalezo inkosi uDavide yazingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide eyayilingcwelisile livela ezizweni zonke eyayizahlulile:
12 e-Aramu, nakwaMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, naku-Amaleki, nasempangweni kaHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba.
13 UDavide wazenzela igama ekubuyeni kwakhe esebulele ama-Aramu ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili esiGodini sikaSawoti.
14 Wamisa amakhanda kwa-Edomi; kulo lonke lakwa-Edomi wamisa amakhanda, nabo bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.
15 UDavide wabusa phezu kuka-Israyeli wonke, uDavide waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe.
16 UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi, uJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana;
17 uSadoki indodana ka-Ahithubi no-Ahimeleki indodana ka-Abiyathara babe ngabapristi; uSeraya wayengumbhali;
18 uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti; amadodana kaDavide ayengabapristi.