1 IziKronike

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29

0:00
0:00

Isahluko 14

UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari, nabakhi, nababazi ukuba bamakhele indlu.
2 UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, ngokuba umbuso wakhe waphakanyiselwa phezulu ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.
3 UDavide wathatha abanye abafazi eJerusalema, uDavide wazala amanye amadodana namadodakazi.
4 Nanka amagama abantwana ayenabo eJerusalema: oShamuvwa, noShobabi, noNathani, noSolomoni,
5 noJibari, no-Elishuwa, no-Elipheleti,
6 noNoga, noNefegi, noJafiya,
7 no-Elishama, noBeyeliyada, no-Elifeleti.
8 AmaFilisti esezwile ukuthi uDavide ugcotshiwe ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli wonke, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide; uDavide wakuzwa, waphuma ukuwahlasela.
9 AmaFilisti esefikile ukungenela isiGodi samaRefa,
10 uDavide wabuza kuNkulunkulu, wathi: “Ngenyukele ukuhlasela amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na?” UJehova wathi kuye: “Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela esandleni sakho.”
11 Base benyukela eBali Pherasimi, uDavide wawachitha; uDavide wathi: “UNkulunkulu ufohlele izitha zami ngesandla sami njengokufohla kwamanzi.” Ngalokho baqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.
12 Ashiya khona onkulunkulu bawo; uDavide wathi mabashiswe ngomlilo.
13 AmaFilisti abuye angenela isigodi.
14 UDavide waphinda wabuza kuNkulunkulu; uNkulunkulu wathi kuye: “Ungenyuki emva kwawo; wagwegwesele, uwafikele malungana namajikijolo.
15 Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, uphume impi, ngokuba uNkulunkulu uphumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.”
16 UDavide wenza njengokumyala kukaNkulunkulu, bachitha impi yamaFilisti kusukela eGibeyoni kuze kube seGezeri.
17 Igama likaDavide laphumela emazweni onke; uJehova wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.