1 IziKronike

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29

0:00
0:00

Isahluko 27

Nampa abantwana bakwa-Israyeli ngomumo wabo, izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zabo ezazikhonza inkosi kukho konke okwezigaba, ezazingena, ziphuma inyanga ngenyanga ezinyangeni zonke zomnyaka; kuleso naleso sigaba zazikhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
2 Phezu kwesigaba sokuqala ngenyanga yokuqala kwakunguJashobehamu indodana kaZabidiyeli; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
3 Wayengowabantwana bakwaPheresi, inhloko yazo zonke izinduna zempi ngenyanga yokuqala.
4 Phezu kwesigaba senyanga yesibili kwakunguDodayi umAhohi nesigaba sakhe; kwakukhona nombusi uMikiloti; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
5 Induna yesithathu yempi ngenyanga yesithathu kwakunguBenaya indodana kaJehoyada umpristi, inhloko; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
6 Nguye lowo Benaya owayeyiqhawe labangamashumi amathathu nowayephezu kwamashumi amathathu; owesigaba sakhe kwakungu-Amizabadi indodana yakhe.
7 Eyesine ngenyanga yesine kwakungu-Asaheli umfowabo kaJowabe noZebadiya indodana yakhe emva kwakhe; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
8 Eyesihlanu ngenyanga yesihlanu kwakunguShamhuti umJizirahi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
9 Eyesithupha ngenyanga yesithupha kwakungu-Ira indodana ka-Ikheshi waseThekhowa; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
10 Eyesikhombisa ngenyanga yesikhombisa kwakunguHelesi umPheloni wabantwana bakwa-Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
11 Eyesishiyagalombili ngenyanga yesishiyagalombili kwakunguSibekayi umHushati kumaZera; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
12 Eyesishiyagalolunye ngenyanga yesishiyagalolunye kwakungu-Abiyezeri umAnathoti wabakwaBenjamini; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
13 Eyeshumi ngenyanga yeshumi kwakunguMaharayi waseNethofa kumaZera; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
14 Eyeshumi nanye ngenyanga yeshumi nanye kwakunguBenaya umPirathoni wabantwana bakwa-Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
15 Eyeshumi nambili ngenyanga yeshumi nambili kwakunguHelidayi waseNethofa ka-Otheniyeli; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
16 Phezu kwezizwe zakwa-Israyeli kwakuyilaba: kwabakwaRubeni u-Eliyazeri indodana kaZikiri wayengumbusi; kwabakwaSimeyoni nguShefathiya indodana kaMahakha;
17 kuLevi nguHashabiya indodana kaKemuweli; ku-Aroni nguSadoki;
18 kuJuda ngu-Elihu wabafowabo bakaDavide; ku-Isakare ngu-Omri indodana kaMikayeli;
19 kuZebuloni ngu-Ishmaya indodana ka-Obadiya; kuNafetali nguJeremoti indodana ka-Aziriyeli;
20 kubantwana bakwa-Efrayimi nguHosheya indodana ka-Azaziya; enxenyeni yesizwe sakwaManase nguJoweli indodana kaPhedaya;
21 enxenyeni kaManase wakwaGileyadi ngu-Ido indodana kaZakariya; kuBenjamini nguJahasiyeli indodana ka-Abineri;
22 kuDani ngu-Azareli indodana kaJerohamu. Yilabo ababe yizinduna zezizwe zakwa-Israyeli.
23 Kepha uDavide akabalanga umumo waba neminyaka engamashumi amabili nabangaphansi, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakwandisa u-Israyeli ukuba abe ngangezinkanyezi zezulu.
24 UJowabe indodana kaSeruya waqala ukubala, kepha akaqedanga; kwaba khona ulaka ngalokho phezu kuka-Israyeli, nomumo awufakwanga encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.
25 U-Azimaveti indodana ka-Adiyeli wayephethe ingcebo yenkosi; uJonathani indodana ka-Uziya wayephethe izinto emasimini, nasemizini, nasemizaneni, nasezinqabeni;
26 u-Eziri indodana kaKelubi wayephethe abenza umsebenzi wasendle wokulima umhlabathi;
27 uShimeyi waseRama wayephethe izivini; uZabidi waseShefamu wayephethe iwayini elibekelelweyo lithathwe ezivinini;
28 uBali Hanani umGederi wayephethe iminqumo nemikhiwane eyayisehlanzeni; uJowashi wayephethe imigodi yamafutha;
29 imihlambi eyayiklaba eSharoni yayiphethwe nguShitirayi umSharoni, nemihlambi eyayisezigodini yayiphethwe nguShafati indodana ka-Adilayi;
30 u-Obili wakwa-Ishmayeli wayephethe amakamela; uJehedeya umMeronoti wayephethe izimbongolo;
31 uJazizi umHagiri wayephethe izimvu. Bonke labo babe yizinduna zemfuyo yenkosi uDavide.
32 UJonathani, uyisekazi kaDavide, wayengumluleki, wayengumuntu ohlakaniphileyo nombhali; uJehiyeli indodana kaHakimoni wayenamadodana enkosi;
33 u-Ahithofeli wayengumluleki wenkosi; uHushayi umArki wayengumngane wenkosi;
34 emva kuka-Ahithofeli kwakunguJehoyada indodana kaBenaya no-Abiyathara; uJowabe wayeyinduna yempi yenkosi.