1 IziKronike

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29

0:00
0:00

Isahluko 2

Nanka amadodana ka-Israyeli: oRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni,
2 noDani, noJosefa, noBenjamini, noNafetali, noGadi, no-Asheri.
3 Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela; labo abathathu bazalwa nguye kuBati Shuwa, umKhananikazi. Kepha u-Eri, izibulo likaJuda, wayemubi emehlweni kaJehova; wambulala.
4 UTamari umalokazana wakhe wamzalela oPheresi noZera. Onke amadodana kaJuda ayeyisihlanu.
5 Amadodana kaPheresi: ngoHesironi noHamule.
6 Amadodana kaZera: ngoZimri, no-Ethani, noHemani, noKalikoli, noDara, eyisihlanu onke.
7 Amadodana kaKarmi: ngo-Akari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo.
8 Amadodana ka-Ethani: ngu-Azariya.
9 Amadodana kaHesironi awazalelwayo: ngoJerameli, noRamu, noKelubayi.
10 URamu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni, isikhulu sabantwana bakwaJuda;
11 uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBowazi;
12 uBowazi wazala u-Obede; u-Obede wazala uJese.
13 UJese wazala izibulo lakhe u-Eliyabi, no-Abinadaba owesibili, noShimeya owesithathu,
14 noNethaneli owesine, noRadayi owesihlanu,
15 no-Osemi owesithupha, noDavide owesikhombisa;
16 odadewabo: ngoSeruya no-Abigayili. Amadodana kaSeruya: ngo-Abishayi, noJowabe, no-Asaheli, emathathu.
17 U-Abigayili wazala u-Amasa; uyise ka-Amasa wayenguJetheri umIshmayeli.
18 UKalebi indodana kaHesironi wazala ku-Azuba umkakhe nakuJeriyoti; amadodana akhe: ngoJesheri, noShobabi, no-Aridoni.
19 Wafa u-Azuba; uKalebi wathatha u-Efrati, owamzalela uHure.
20 UHure wazala u-Uri; u-Uri wazala uBesaleli.
21 Ngasemuva uHesironi wangena kuyo indodakazi kaMakiri uyise kaGileyadi; wamthatha eseneminyaka engamashumi ayisithupha; wamzalela uSegubi.
22 USegubi wazala uJayire, owayenemizi engamashumi amabili nantathu ezweni lakwaGileyadi.
23 OGeshuri no-Aramu babaphuca imizi kaJayirem, kanye neKhenati nemizi yalo, imizi engamashumi ayisithupha. Bonke labo babe ngamadodana kaMakiri uyise kaGileyadi.
24 Emva kokuba esefile uHesironi eKalebi Efratha, u-Abiya, umkaHesironi, wamzalela u-Ashuri uyise kaThekhowa.
25 Amadodana kaJerameli, izibulo likaHesironi, ayenguRamu izibulo, noBuna, no-Oreni, no-Osemi, no-Ahiya.
26 UJerameli wayenomunye umfazi ogama lakhe lalingu-Athara; wayengunina ka-Onamu.
27 Amadodana kaRamu, izibulo likaJerameli, ayengoMahasi, noJamini, no-Ekheri.
28 Amadodana ka-Onamu ayengoShamayi noJada; amadodana kaShamayi: ngoNadabi no-Abishuri.
29 Igama lomka-Abishuri lalingu-Abihayili; wamzalela o-Ahibani noMolidi.
30 Amadodana kaNadabi: ngoSeledi no-Aphayimi; kepha uSeledi wafa engenabantwana.
31 Amadodana ka-Aphayimi: ngu-Ishi; amadodana ka-Ishi: nguSheshani; amadodana kaSheshani: ngu-Ahilayi.
32 Amadodana kaJada umfowabo kaShamayi: ngoJetheri noJonathani; uJetheri wafa engenabantwana.
33 Amadodana kaJonathani: ngoPheleti noZaza. Labo babe ngamadodana kaJerameli.
34 Kepha uSheshani wayengenamadodana, enamadodakazi odwa. USheshani wayenenceku, eyaseGibithe, egama layo lalinguJariha.
35 USheshani wanika uJariha inceku yakhe indodakazi yakhe ibe ngumkakhe; wamzalela u-Athayi.
36 U-Athayi wazala uNathani; uNathani wazala uZabadi;
37 uZabadi wazala u-Efilali; u-Efilali wazala u-Obede;
38 u-Obede wazala uJehu; uJehu wazala u-Azariya;
39 u-Azariya wazala uHelesi; uHelesi wazala u-Eleyasa;
40 u-Eleyasa wazala uSisamayi; uSisamayi wazala uShalumi;
41 uShalumi wazala uJekamiya; uJekamiya wazala u-Elishama.
42 Amadodana kaKalebi umfowabo kaJerameli: nguMesha izibulo lakhe, owayenguyise kaZifi, namadodana kaMaresha, uyise kaHebroni.
43 Amadodana kaHebroni: ngoKora, noTaphuwa, noRekemi, noShema.
44 UShema wazala uRahamu uyise kaJorikeyamu; uRekemi wazala uShamayi.
45 Indodana kaShamayi: nguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBeti Suri.
46 U-Efa, isancinza sikaKalebi, wazala oHarana, noMosa, noGazezi; uHarana wazala uGazezi.
47 Amadodana kaJadayi: ngoRegemi, noJothamu, noGeshani, noPheleti, no-Efa, noShahafi.
48 UMahakha, isancinza sikaKalebi, wazala oSheberi noThirihana.
49 Wazala noShahafi uyise kaMadimana, noSheva uyise kaMakibena, noyise kaGibeya; indodakazi kaKalebi yayingu-Akisa.
50 Laba babe ngamadodana kaKalebi: amadodana kaHure izibulo lika-Efratha: nguShobali uyise kaKiriyati Jeharimi,
51 noSalima uyise kaBetlehema, noHarefi uyise kaBeti Gaderi.
52 NoShobali uyise kaKiriyati Jeharimi wayenamadodana: nguHarowe nenxenye kaMenuhoti.
53 Imindeni kaKiriyati Jeharimi yayingamaJetheri, namaPhuthi, namaShumati, namaMishirayiti; kubona kwavela amaSorati nama-Eshitawoli.
54 Amadodana kaSalima: nguBetlehema, namaNethofa, no-Atharoti BetiJowabe, nenxenye yamaManahati, amaSori.
55 Imindeni yababhali ababehlala eJabesi: ngamaThirati, namaShimeyati, namaSukati. Labo babe ngamaKheni avela kuHamati uyise wendlu kaRekabi.