IsAmbulo

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22

0:00
0:00

Isahluko 10

Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu, nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo, nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,
2 iphethe esandleni sayo incwadi encane evulekileyo. Yayisimisa unyawo lwayo lokunene phezu kolwandle nolokhohlo phezu komhlabathi,
3 yamemeza ngezwi elikhulu njengokubhonga kwengonyama, nalapho isimemezile, imidumo eyisikhombisa yezwakalisa amazwi ayo.
4 Nalapho imidumo eyisikhombisa isikhulumile, ngase ngizakuloba; kepha ngezwa izwi livela ezulwini, lithi: “Namathisela ngophawu okukhulunywe yimidumo eyisikhombisa, kodwa ungakulobi.”
5 Ingelosi engayibona imi phezu kolwandle naphezu komhlabathi yayisiphakamisela ezulwini isandla sayo sokunene,
6 yafunga yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu nokukulo, nomhlaba nokukuwo, nolwandle nokukulo, yathi: “Akusayikubakho isikhathi,
7 kepha ngezinsuku zezwi lengelosi yesikhombisa, lapho isizakubetha icilongo, imfihlakalo kaNkulunkulu isiyakube ifeziwe, njengalokho azazisa izinceku zakhe abaprofethi ngezindaba ezijabulisayo.”
8 Izwi engalizwa livela ezulwini lase liphinda likhuluma nami, lithi: “Hamba uye uthabathe incwadi evulekileyo esesandleni sengelosi emi phezu kolwandle naphezu komhlabathi.”
9 Ngaya kuyo ingelosi; ngase ngithi kuyo mayinginike incwadi encane. Yayisithi kimi: “Yithabathe, uyidle uyiqede; izakubaba esiswini sakho, kepha emlonyeni wakho iyakuba mnandi njengezinyosi.”
10 Ngase ngiyithatha incwadi encane esandleni sengelosi, ngayidla ngayiqeda; yayisiba mnandi njengezinyosi emlonyeni wami; nalapho sengiyidlile, yababa esiswini sami.
11 Zase zithi kimi: “Kumelwe ukuba uphinde uprofethe ngabantu abaningi, nezizwe, nezilimi, namakhosi.”