IsAmbulo

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22

0:00
0:00

Isahluko 13

Ngase ngibona isilo sikhuphuka elwandle, sinezimpondo eziyishumi namakhanda ayisikhombisa, nasezimpondweni zaso kukhona imiqhele eyishumi nasemakhanda aso kukhona amagama enhlamba.
2 Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zazinjengezebhere, nomlomo waso wawunjengomlomo wengonyama. Udrako wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu.
3 Elinye lamakhanda aso kungathi lalidebezwe okokufa, kepha ingozi yaso yokufa yelashwa, umhlaba wonke walandela isilo, umangala;
4 bakhuleka kudrako, ngokuba wanika isilo amandla akhe, bakhuleka nakuso isilo, bethi: “Ngubani ofana nesilo, ngubani ongalwa naso na?”
5 Sase sinikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nenhlamba, sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingamashumi amane nambili.
6 Savula umlomo waso ukuhlambalaza uNkulunkulu, ukuhlambalaza igama lakhe netabernakele lakhe, nabo abahlezi ezulwini.
7 Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe; sanikwa futhi amandla phezu kwemindeni yonke, nabantu, nezilimi, nezizwe.
8 Bayakhuleka kuso bonke abakhileyo emhlabeni, wonke ogama lakhe lingalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.
9 Uma ekhona onendlebe, makezwe.
10 Uma ekhona oyisa ekuthunjweni, uya naye ekuthunjweni; uma ekhona obulala ngenkemba, umelwe naye ukubulawa ngenkemba. Nakhu ukubekezela nokukholwa kwabangcwele.
11 Ngase ngibona esinye isilo siphuma emhlabeni, sinezimpondo ezimbili ezifana nezewundlu, kepha sikhuluma njengodrako.
12 Amandla onke esilo sokuqala siyawenza phambi kwaso. Siyenza ukuba umhlaba nabo bonke abakhileyo kuwo bakhuleke kuso isilo sokuqala esingozi yaso yelashwa.
13 Senza nezibonakaliso ezinkulu, size senze nomlilo uphume ezulwini, wehlele emhlabeni phambi kwabantu.
14 Futhi sibadukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esazinikwayo ukuba sizenze phambi kwesilo, sithi kwabakhileyo emhlabeni mabasenzele umfanekiso isilo, ebesinenxeba lenkemba kepha sasinda.
15 Sanikwa futhi ukuba siwuphe umfanekiso wesilo umoya, ukuze umfanekiso wesilo ukhulume, senze futhi ukuba bonke abangakhuleki kumfanekiso wesilo babulawe.
16 Senza futhi ukuba bonke, abancane nabakhulu, nabacebileyo nabampofu, nabakhululekileyo nabayizigqila, bazibeke uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo
17 ukuba angabikho ongathenga nokuba athengise, uma engenalo uphawu, igama lesilo noma isibalo segama laso.
18 Nakhu ukuhlakanipha. Onengqondo makabale isibalo sesilo, ngokuba siyisibalo somuntu. Nesibalo sakhe singamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha.