IsAmbulo

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22

0:00
0:00

Isahluko 3

“Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba ukuthi: “Nakhu akushoyo onawoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuba unegama lokuthi uyaphila, kanti ufile.
2 Vuka ulinde, uqinise okuseleyo obekuzakufa, ngokuba angifumananga imisebenzi yakho iphelelisiwe phambi kukaNkulunkulu wami;
3 ngakho-ke khumbula ukuthi wamukele wezwa kanjani, kugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela, kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe.
4 “Kepha-ke unamagama ayingcosana eSardesi alabo abangangcolisanga izingubo zabo; bayakuhamba nami bembethe okumhlophe, ngokuba bafanele.
5 Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.
6 Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.
7 “Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novalayo kungavuli muntu, uthi:
8 Ngiyayazi imisebenzi yakho; bheka, ngimisile phambi kwakho umnyango ovuliweyo, ongenakuvalwa muntu, ngokuba unamandla amancane, kanti waligcina izwi lami, kawuliphikanga igama lami.
9 Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.
10 Ngokuba ulilondile izwi lokubekezela kwami, nami-ke ngiyakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika ezweni lonke lokulinga bonke abakhileyo emhlabeni.
11 “Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho.
12 Onqobayo ngiyakumenza abe yinsika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona; ngiyakuloba negama likaNkulunkulu wami phezu akhe, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.
13 Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.
14 “Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: “Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekayo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi:
15 Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuthi kawubandi, kawushisi. Sengathi ngabe uyabanda noma ushise.
16 Ngakho-ke njengalokhu usivivi, ungashisi ungabandi, ngiyakukuhlanza uphume emlonyeni wami.
17 Ngokuba uthi: ‘Ngicebile, kangiswele lutho,’ kanti kawazi ukuthi ungolusizi, nowokuhawukelwa, nompofu, nophuphuthekayo, nohamba ze;
18 ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elihlanzwe ngomlilo ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobuze bakho nomuthi wamehlo wokugcoba amehlo akho ukuba ubone.
19 “Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.
20 Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.
21 “Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.
22 “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.”