Numeri

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36

0:00
0:00

Isahluko 15

UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni eniyakwakha kulo, engininika lona,
3 nenze umnikelo womlilo kuJehova, umnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso, noma umnikelo wesihle, noma owemikhosi yenu emisiweyo, ukwenza iphunga elimnandi kuJehova, owezinkomo noma owezimvu,
4 khona-ke onikela ngomnikelo wakhe woletha kuJehova umnikelo wempuphu wokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe nokwesine kwehini lamafutha;
5 newayini libe ngumnikelo wokuphuzwa, okwesine kwehini ngemvana inye, wolilungisela umnikelo wokushiswa noma umhlatshelo.
6 “ ‘Kepha inqama uyakuyilungisela okweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo exovwe nokwesithathu kwehini lamafutha, kube ngumnikelo wempuphu;
7 uyakunikela okwesithathu kwehini lewayini libe ngumnikelo wokuphuzwa nephunga elimnandi kuJehova.
8 “ ‘Nxa ulungisa iduna libe ngumnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso, noma kube yiminikelo yokuthula kuJehova,
9 uyakunikela ngomnikelo wempuphu wokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo exovwe nenxenye yehini lamafutha kanye neduna.
10 Uyakunikela ngenxenye yehini lewayini libe ngumnikelo wokuphuzwa, kube ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.
11 Kuyakwenziwa kanjalo ngaleyo naleyo nkunzi, noma ngaleyo naleyo nqama, noma ngaleyo naleyo mvana yeduna, noma ngamazinyane ezimbuzi.
12 Njengokomumo eniwulungisayo niyakwenze njalo kuleyo naleyo njengokomumo wazo.
13 “ ‘Bonke abokuzalwa ekhaya bayakwenza lezo zinto ngaleyo ndlela, benikela ngomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.
14 Uma umfokazi egogobele kuwe, noma ubani ophakathi kwenu ezizukulwaneni zenu eyakunikela ngomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova, uyakwenza njengalokhu nenza nina.
15 Ebandleni kuyakuba yisimiso sinye kini nakumfokazi ogogobeleyo kini, isimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; njengani uyakuba njalo umfokazi phambi kukaJehova.
16 Kuyakuba ngumthetho munye nesimiso sinye kinina nakumfokazi ogogobeleyo kini.’ ”
17 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
18 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni enginiyisa kulo,
19 kuyakuthi, lapho nidla isinkwa sezwe, ninikele ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova.
20 Ngolibo lomgqakazo wenu niyakunikela ngeqebelengwane libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyakuwenza kanjalo.
21 Ngolibo lomgqakazo wenu niyakunika uJehova umnikelo wokuphakanyiswa ezizukulwaneni zenu.
22 “ ‘Nxa niduka ningagcini yonke le miyalo uJehova ayikhulumile kuMose,
23 konke uJehova aniyalile ngesandla sikaMose, kusukela osukwini uJehova ayala ngalo nangasemuva ezizukulwaneni zenu,
24 kuyakuthi uma kwenziwe kungengamabomu, futhi kungesemehlweni enhlangano, inhlangano yonke inikele ngeduna libe ngumnikelo wokushiswa wephunga elimnandi kuJehova kanye nomnikelo wayo wempuphu, nomnikelo wayo wokuphuzwa ngokomthetho, nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
25 Umpristi uyakuyenzela yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana, baze bathethelelwe, ngokuba kwakungengamabomu, futhi balethile umnikelo wabo, umnikelo womlilo kuJehova, nomnikelo wabo wesono phambi kukaJehova ngesiphosiso sabo;
26 yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli iyakuthethelelwa kanye nomfokazi ogogobeleyo kubo, ngokuba kubo bonke abantu kwakungesiphosiso.
27 “ ‘Uma umuntu ona kungengamabomu, uyakunikela ngembuzikazi enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wesono.
28 Umpristi uyakwenzela umuntu ophosisayo ukubuyisana, nxa ona kungengamabomu phambi kukaJehova ukumenzela ukubuyisana, athethelelwe.
29 Niyakuba nomthetho munye kowenza kungengamabomu, nakowokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo.
30 “ ‘Kepha okwenza ngesandla esiphakemeyo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, uyamhlambalaza uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
31 Ngokuba udelele izwi likaJehova, nomyalo wakhe uwaphulile; lowo muntu uyakunqunywa impela, ububi bakhe bube phezu kwakhe.’ ”
32 Abantwana bakwa-Israyeli besesehlane bafumana umuntu otheza izinkuni ngosuku lwesabatha.
33 Abamfumana etheza izinkuni bamyisa kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano.
34 Bambeka ukuba alindwe, ngokuba kwakungakanqunywa ukuthi kuyakwenziwani kuye.
35 UJehova wathi kuMose: “Lowo muntu wobulawa nokubulawa; yonke inhlangano iyakumkhanda ngamatshe ngaphandle kwekamu.”
36 Yonke inhlangano yamkhiphela ngaphandle kwekamu, yamkhanda ngamatshe, wafa, njengalokho uJehova emyalile uMose.
37 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
38 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, usho kubo ukuba bazenzele insephe emiphethweni yezingubo zabo ezizukulwaneni zabo, futhi ukuba babeke igoda eliluhlaza ensepheni yemiphetho yonke;
39 lokhu kuyakuba kini insephe ukuba niyibheke, nikhumbule yonke imiyalo kaJehova, niyenze, ningahambi ngeyenu inhliziyo nangawenu amehlo enanivama ukukulandela ngokuphinga,
40 ukuba nikhumbule, niyenze yonke imiyalo yami, nibe ngcwele kuNkulunkulu wenu.
41 NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe, ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.”