Numeri

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36

0:00
0:00

Isahluko 33

Nanka amabanga ohambo lwabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ngawo ezweni laseGibithe ngamabandla abo phansi kwesandla sikaMose nesika-Aroni.
2 UMose waloba ngokuhamba kwabo ngamabanga abo ngesiyalezo sikaJehova; nanka amabanga abo njengokuhamba kwabo.
3 Basuka eRamsesi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yokuqala; ngolwangakusasa emva kwephasika abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakemeyo emehlweni abo bonke abaseGibithe,
4 abaseGibithe besembela onke amazibulo abo abulawa kubo nguJehova, uJehova ebahlulele nawonkulunkulu babo.
5 Abantwana bakwa-Israyeli basuka-ke eRamsesi, bamisa eSukoti.
6 Basuka eSukoti, bamisa e-Etamu eliseceleni kwehlane.
7 Basuka e-Etamu, babuyela ePhi Hahiroti elingaphambi kweBali Sefoni; bamisa phambi kweMigidoli.
8 Basuka eHahiroti, badabula phakathi kolwandle, baya ehlane, bahamba ibanga lezinsuku ezintathu ehlane lase-Etamu, bamisa eMara.
9 Basuka eMara, bafika e-Elimi; e-Elimi kwakukhona imithombo eyishumi nambili yamanzi namasundu angamashumi ayisikhombisa; bamisa khona.
10 Basuka e-Elimi, bamisa ngaseLwandle Olubomvu.
11 Basuka eLwandle oluBomvu, bamisa ehlane laseSini.
12 Basuka ehlane laseSini, bamisa eDofika.
13 Basuka eDofika, bamisa e-Alushi.
14 Basuka e-Alushi, bamisa eRefidimi, lapho kwakungekho manzi khona ukuba abantu baphuze.
15 Basuka eRefidimi, bamisa ehlane laseSinayi.
16 Basuka ehlane laseSinayi, bamisa eKibiroti Hathawa.
17 Basuka eKibiroti Hathawa, bamisa eHaseroti.
18 Basuka eHaseroti, bamisa eRitima.
19 Basuka eRitima, bamisa eRimoni Pheresi.
20 Basuka eRimoni Pheresi, bamisa eLibina.
21 Basuka eLibina, bamisa eRisa.
22 Basuka eRisa, bamisa eKehelatha.
23 Basuka eKehelatha, bamisa entabeni yaseSheferi.
24 Basuka entabeni yaseSheferi, bamisa eHarada.
25 Basuka eHarada, bamisa eMakeloti.
26 Basuka eMakeloti, bamisa eTahati.
27 Basuka eTahati, bamisa eThera.
28 Basuka eThera, bamisa eMitika.
29 Basuka eMitika, bamisa eHashimona.
30 Basuka eHashimona, bamisa eMoseroti.
31 Basuka eMoseroti, bamisa eBene Jahakani.
32 Basuka eBene Jahakani, bamisa eHori Hagidigadi.
33 Basuka eHori Hagidigadi, bamisa eJothabata.
34 Basuka eJothabata, bamisa e-Abrona.
35 Basuka e-Abrona, bamisa e-Esiyoni Geberi.
36 Basuka e-Esiyoni Geberi, bamisa ehlane laseSini eliyiKadeshi.
37 Basuka eKadeshi, bamisa entabeni yaseHori eceleni kwezwe lakwa-Edomi.
38 U-Aroni umpristi wakhuphukela entabeni yaseHori ngesiyalezo sikaJehova, wafela khona ngomnyaka wamashumi amane emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngenyanga yesihlanu ngolokuqala lwenyanga.
39 U-Aroni wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili nantathu mhla efela entabeni yaseHori.
40 UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owahlala eningizimu ezweni laseKhanani, wezwa ngokufika kwabantwana bakwa-Israyeli.
41 Basuka entabeni yaseHori, bamisa eSalimona.
42 Basuka eSalimona, bamisa ePunoni.
43 Basuka ePunoni, bamisa e-Oboti.
44 Basuka e-Oboti, bamisa e-Iye Abarimi emkhawulweni wakwaMowabi.
45 Basuka e-Iyimi, bamisa eDiboniGadi.
46 Basuka eDiboni Gadi, bamisa e-Alimoni Dibilatayimi.
47 Basuka e-Alimoni Dibilatayimi, bamisa ezintabeni zase-Abarimi ngaphambi kweNebo.
48 Basuka ezintabeni zase-Abarimi, bamisa emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.
49 Bamisa ngaseJordani kusukela eBeti Jeshimoti kuze kufike e-Abela Shithimi emathafeni akwaMowabi.
50 UJehova wakhuluma kuMose emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, wathi:
51 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa niwela iJordani ukuba ningene ezweni laseKhanani,
52 niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nichithe yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo,
53 nidle ifa lezwe, nihlale kulo, ngokuba ngininikile izwe ukuba nilidle.
54 Niyakulidla izwe ngenkatho ngokwemindeni yakini, abaningi nibanike ifa elikhulu, nabayingcosana nibanike ifa elincane, nakuphi lapho inkatho imudla khona umuntu, kuzakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwe zawoyihlo.
55 “ ‘Kepha uma ningaxoshi abantu bezwe phambi kwenu, labo enibashiyayo bayakuba njengezinkandi emehlweni enu nanjengameva ezinhlangothini zenu, banikhathaze ezweni enihlala kulo.
56 Kuyakuthi njengalokho bengithi ngiyakwenza kubo, ngenze njalo nakini.’ ”