Numeri

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36

0:00
0:00

Isahluko 36

Izinhloko zezindlu zawoyise bomndeni wabantwana bakwaGileyadi kaMakiri kaManase, abemindeni yamadodana kaJosefa, zasondela, zakhuluma phambi kukaMose naphambi kwezikhulu, izinhloko zezindlu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli,
2 zathi: UJehova wayiyala inkosi yami ukubanika abantwana bakwa-Israyeli izwe libe yifa labo ngenkatho; inkosi yami yayalwa futhi nguJehova ukuba ifa likaSelofehadi umfowethu iwanike lona amadodakazi akhe.
3 Uma egana amadodana ezinye izizwe zabantwana bakwa-Israyeli, ifa lawo liyakususwa efeni lawobaba, lithasiselwe efeni laleso sizwe ayakuba ngawaso, kususwe efeni lezwe lethu.
4 Lapho liyakuba khona ijubili labantwana bakwa-Israyeli, ifa lawo liyakuthasiselwa efeni lalesosizwe ayakuba ngawaso, ifa lawo lisuswe efeni lesizwe sawobaba.
5 UMose wabayala abantwana bakwa-Israyeli njengezwi likaJehova, wathi: Isizwe samadodana kaJosefa sikhulume kahle.
6 Yilokho ayala ngakho uJehova ngamadodakazi kaSelofehadi, ethi: Mawagane njengokuhle emehlweni awo, kodwa agane nokho emndenini wesizwe sikayise.
7 Ifa labantwana bakwa-Israyeli aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bayakunamathela, kube yilowo nalowo efeni lesizwe sawoyise.
8 Yileyo naleyo ndodakazi enefa esizweni esithile sabantwana bakwa-Israyeli iyakuba ngumfazi womndeni wesizwe sikayise, ukuze yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli abe nefa lawoyise.
9 Ifa aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba izizwe zabantwana bakwa-Israyeli ziyakunamathela, kube yileso naleso efeni laso.
10 Njengalokho uJehova emyalile uMose, enze njalo-ke amadodakazi kaSelofehadi,
11 ngokuba oMahela, noTirisa, noHogila, noMilka, noNowa, amadodakazi kaSelofehadi, agana amadodana awoyisekazi.
12 Agana emindenini yamadodana kaManase indodana kaJosefa, nefa lawo lahlala esizweni somndeni kayise.
13 Leyo iyimiyalo nezahlulelo uJehova ayala ngakho ngesandla sikaMose abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.