Numeri

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36

0:00
0:00

Isahluko 24

UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u-Israyeli, akayanga njengakuqala ukulindela imilingo, kepha wabhekisa ubuso bakhe ngasehlane.
2 UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.
3 Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “UBileyamu indodana kaBeyori uthi, umuntu omehlo akhe avuliwe uthi,
4 ozwileyo amazwi kaNkulunkulu, obonile umbono kaSomandla uthi, ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe:
5 “Mahle kangaka amatende akho, Jakobe, namatabernakele akho, Israyeli.
6 Elulekile njengezigodi, njengamasimu ngasemfuleni, njengemihlaba ayitshalile uJehova, njengemisedari ngaseceleni kwamanzi.
7 Amanzi ayakugobhoza, aphume ezimbizeni zakhe, imbewu yakhe ibe semanzini amaningi, inkosi yakhe ibe nkulu kuno-Agagi, umbuso wakhe uphakame.
8 “UNkulunkulu wamkhipha eGibithe; unjengezimpondo zenyathi kubo; uyakuqeda izizwe, izitha zakhe, aphule amathambo azo, azigwaze ngemicibisholo yakhe.
9 Wabuthalala, walala phansi njengengonyama, nanjengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na? “Mababusiswe bonke abakubusisayo, baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”
10 Ulaka lukaBalaki lwamvuthela uBileyamu, washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu: “Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami; bheka, ubabusisile nokubabusisa kathathu.
11 Ngalokho baleka uye endaweni yakho; bengithi ngiyakukunika udumo olukhulu; kepha bheka, uJehova ugodlile udumo kuwe.”
12 UBileyamu wathi kuBalaki: “Angikhulumanga yini kuzo izithunywa zakho owazithuma kimi ukuthi:
13 ‘Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma,’ na?
14 Bheka manje, ngibuyela kubantu bakithi; woza ngikumemezelele ukuthi laba bantu bayakwenzani kubantu bakini ngezinsuku ezizayo.”
15 Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “UBileyamu indodana kaBeyori uthi, umuntu oso lakhe livuliwe uthi,
16 ozwileyo amazwi kaNkulunkulu, owazi ukwazi koPhezukonke, obonile umbono kaSomandla, ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe, uthi:
17 “Ngiyambona, kepha kungemanje; ngiyambheka, kodwa kungeseduze; kuyakuvela inkanyezi kuJakobe, nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli, ishaye uMowabi emaceleni, ichithe onke amadodana kaSheti.
18 U-Edomi uyakuba yifa; uSeyiri uyakuba yifa naye, owayengowezitha zakhe, u-Israyeli esenza okubuqhawe.
19 Uyakuvela kuJakobe, achithe insali emzini.”
20 Wayesembuka u-Amaleki, wathatha isisho sakhe, wathi: “U-Amaleki wayengesokuqala sezizwe, kepha ukugcina kwakhe kungukubhubha.”
21 Wayesewabuka amaKheni, wathatha isisho sakhe, wathi: “Inamandla indawo yakho yokuhlala; isidleke sakho simisiwe edwaleni.
22 Nokho uKayini uyakuchithwa uze uthunjwe ngu-Ashuri.”
23 Wathatha isisho sakhe, wathi: “Maye, ngubani oyakuphila, lapho uNkulunkulu ekwenza lokhu, na?
24 Imikhumbi iyakuvela ogwini lwaseKitimi, imhluphe u-Ashuri, imhluphe u-Ebere, naye aye ekubhujisweni.”
25 UBileyamu wayesesuka, wahamba, wabuyela endaweni yakhe; uBalaki wahamba ngeyakhe indlela.