Jeremiya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52

0:00
0:00

Isahluko 28

Kwathi ngawona lowo mnyaka ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda ngomnyaka wesine, ngenyanga yesihlanu, uHananiya indodana ka-Azuri, umprofethi waseGibeyoni, wakhuluma kimi endlini kaJehova phambi kwabapristi nabantu bonke, wathi:
2 “Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngilaphulile ijoka lenkosi yaseBabele.
3 Ingakapheli iminyaka emibili ngiyakubuyisela kule ndawo zonke izitsha zendlu kaJehova azithatha kule ndawo uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, waziyisa eBabele,
4 ngibuyisele kule ndawo futhi uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBabele,’ usho uJehova, ‘ngokuba ngiyakulaphula ijoka lenkosi yaseBabele.’ ”
5 Kepha umprofethi uJeremiya wathi kumprofethi uHananiya phambi kwabapristi, nabantu bonke ababemi endaweni kaJehova,
6 yebo, umprofethi uJeremiya wathi: “Amen, makenze njalo uJehova, awaqinise amazwi akho owaprofethayo, kubuyiswe izitsha zendlu kaJehova nabo bonke abathunjwa eBabele, kulethwe kule ndawo.
7 Kepha mawuzwe leli zwi engilikhuluma ezindlebeni zakho nasezindlebeni zabantu bonke ngokuthi:
8 Abaprofethi ababengaphambi kwami nangaphambi kwakho kusukela endulo baprofetha ngamazwe amaningi nangemibuso eminingi, ngezimpi, nangokubi, nangesifo.
9 Umprofethi oprofetha ngokuthula uyakwaziwa, lapho seligcwalisiwe izwi lomprofethi, uma engumprofethi uJehova amthumileyo impela.”
10 Umprofethi uHananiya wayeselisusa ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, walaphula.
11 UHananiya wayesesho phambi kwabo bonke abantu, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Kanjalo ngiyakulaphula ijoka likaNebukadinesari, inkosi yaseBabele ingakapheli iminyaka emibili entanyeni yezizwe zonke.’ ” Kepha umprofethi uJeremiya wahamba indlela yakhe.
12 Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya, uHananiya umprofethi eselaphulile ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, lithi:
13 “Hamba usho kuHananiya, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uwaphulile amajoka omuthi, kepha uyakwenza amajoka ensimbi esikhundleni sawo.
14 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngibeke ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe ukuba zimkhonze uNebukadinesari inkosi yaseBabele; yebo, ziyakumkhonza; futhi ngimnike nezilwane zasendle.’ ”
15 Wayesethi umprofethi uJeremiya kuHananiya umprofethi: “Mawuzwe, Hananiya; uJehova kakuthumanga, kepha wena wenza laba bantu ukuba bethembe amanga.
16 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukuxosha ebusweni bomhlaba, ufe nonyaka, ngokuba ukhulume ukuhlubuka kuJehova.’ ”
17 Wafa-ke uHananiya umprofethi ngawona lowo mnyaka ngenyanga yesikhombisa.