Jeremiya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52

0:00
0:00

Isahluko 52

USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguHamuthali indodakazi kaJeremiya waseLibina.
2 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uJehoyakimi.
3 Ngokuba kwenzeka lokho eJerusalema nakwaJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova, waze wabalahla ebusweni bakhe; uSedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.
4 Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga, kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, yena nayo yonke impi yakhe, eJerusalema, wamisa malungana nalo, bakha inqaba ngakulo nxazonke.
5 Wawusuvinjezelwa umuzi kwaze kwaba ngumnyaka weshumi nanye wenkosi uSedekiya.
6 Ngenyanga yesine ngolwesishiyagalolunye lwenyanga indlala yaba namandla emzini, akubangakho kudla kubantu bezwe.
7 Kepha wawusufohlwa umuzi, onke amadoda empi abaleka, aphuma emzini ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi — amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi — ahamba ngendlela yase-Araba.
8 Kodwa impi yamaKaledi yayixosha inkosi, yamfica uSedekiya emathafeni aseJeriko, yonke impi yakhe yahlakazeka.
9 Ayeseyibamba inkosi, ayenyusela enkosini yaseBabele eRibila ezweni laseHamati, ayahlulela.
10 Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe; yabulala nazo zonke izikhulu zakwaJuda eRibila.
11 Yakhipha namehlo kaSedekiya; inkosi yaseBabele yambopha ngamaketanga, yamyisa eBabele, yamfaka etilongweni kwaze kwaba sosukwini lokufa kwakhe.
12 Ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyagalolunye wenkosi uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kwafika uNebuzaradani induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBabele, eJerusalema.
13 Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.
14 Yonke impi yamaKaledi induna yabalindi eyayinayo yadiliza izingange zaseJerusalema nxazonke.
15 Abantu abathile abayizimpofana, nabantu abaseleyo ababesele emzini, nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele, nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba.
16 Kepha uNebuzaradani induna yabalindi washiya abantu abathile bezwe abayizimpofana ukuba baphathe izivini namasimu.
17 Izinsika zethusi ezazisendlini yenkosi, nezinqe, nolwandle lwethusi okwakusendlini kaJehova amaKaledi akuhlephula, athuthela lonke ithusi lakho eBabele.
18 Amakhanzi, namafosholo, nezizenze, nemicakulo, nezinkezo, nazo zonke izitsha zethusi ababekhonza ngazo akuthatha.
19 Izindebe, nemicengezi yomlilo, nezitsha, namakhanzi, nezinti zezibani, nezinkezo, nezinkamba, okwegolide lodwa nesiliva lodwa, nalokho induna yabalindi yakuthatha.
20 Izinsika zombili, nolwandle olwalulunye nje, nezinkabi eziyishumi nambili zethusi ezaziphansi kwezinye, inkosi uSolomoni eyayikwenzele indlu kaJehova, ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa.
21 Izinsika-ke, ukuphakama kwensika eyodwa kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili; umucu oyizingalo eziyishumi nambili wawuyizungeza; uhlonze lwayo lwaluyiminwe emine, yayiyigobongo.
22 Kwakukhona isihloko sethusi; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakuyizingalo eziyisihlanu; kwakukhona nenetha namapomegranati phezu kwesihloko nxazonke, konke kwakungokwethusi; njengangale kwakunjalo nasensikeni yesibili enamapomegranati.
23 Kwakukhona amapomegranati angamashumi ayisishiyagalolunye nesithupha ngasemoyeni; onke amapomegranati asenetheni nxazonke ayeyikhulu.
24 Induna yabalindi yathatha uSeraya, umpristi omkhulu, noZefaniya, umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu;
25 yathatha emzini induna eyayimiswe phezu kwamadoda empi, nabantu abayisikhombisa kwaba besebusweni benkosi abafunyanwa emzini, nombhali wenduna yempi eyayibala abantu bezwe, nabantu bezwe abangamashumi ayisithupha abafunyanwa phakathi komuzi.
26 UNebuzaradani, induna yabalindi, wabathatha, wabayisa enkosini yaseBabele eRibila.
27 Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati. Wathunjwa kanjalo uJuda ezweni lakubo.
28 Nampa abantu uNebukadinesari abathumbayo: ngomnyaka wesikhombisa abaJuda abayizinkulungwane ezintathu namashumi amabili nantathu,
29 nangomnyaka weshumi nesishiyagalombili kaNebukadinesari wathumba eJerusalema abantu abangamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu nambili.
30 Ngomnyaka wamashumi amabili nantathu kaNebukadinesari uNebuzaradani induna yabalindi wathumba abaJuda, abantu abangamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nanhlanu. Bonke abantu babe yizinkulungwane ezine namakhulu ayisithupha.
31 Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi nambili, ngolwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga, u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni,
32 wakhuluma kahle kuye, wabeka isihlalo sakhe phezu kwezihlalo zamakhosi ayenaye eBabele.
33 Waguqula izingubo zakhe zasetilongweni; wadla njalo phambi kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.
34 Isabelo sakhe sasiyisabelo esimiyo semihla ngemihla, asiphiwa yinkosi yaseBabele zonke izinsuku zokuhamba kwakhe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwakhe.