Jeremiya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52

0:00
0:00

Isahluko 47

Izwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofethi ngamaFilisti, uFaro engakanqobi iGaza.
2 Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho, abe ngumfula okhukhulayo, akhukhule izwe nokugcwala kwalo, umuzi nabakhileyo kuwo; abantu bayakukhala, bonke abakhileyo ezweni bahhewule.
3 Ngomsindo wokudubhuza kwezinselo zamahhashi akhe anamandla, nangokuduma kwezinqola zakhe, nangodumo lwamasondo akhe oyise ababheki emuva kubantwana ngenxa yobuthakathaka bezandla zabo
4 ngenxa yosuku olufika ukuchitha onke amaFilisti nokunquma eTire naseSidoni bonke abasizi abaseleyo, ngokuba uJehova uyakuwachitha amaFilisti, insali yesiqhingi saseKafitori.
5 Ubumpandla bulehlele iGaza; i-Ashikeloni liphelile, insali yesigodi sabo; uyakuzisika kuze kube nini na?
6 “Awu wena nkemba kaJehova, koze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.
7 Ingathula kanjani, lapho iyalezwe nguJehova, na? Uyinqumele i-Ashikeloni nogu lolwandle.”