Jeremiya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52

0:00
0:00

Isahluko 49

Ngabantwana bakwa-Amoni. Usho kanje uJehova, uthi: “U-Israyeli kanamadodana, kanandlalifa, na? UMilkomu udleleni ifa likaGadi, abantu bakhe bahlale emizini yakhe, na?
2 Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi ngeRaba labantwana bakwa-Amoni; liyakuba yincithakalo, imizi yalo ishiswe ngomlilo, u-Israyeli abeselidla ifa lowalidla elakhe,” usho uJehova.
3 “Hhewula, Heshiboni, ngokuba i-Ayi lichithekile, nikhale, madodakazi aseRaba, nibhince izindwangu zamasaka, nilile, nigijime phakathi kwezintango, ngokuba uMilikomu uyakuya ekuthunjweni, abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.
4 Uzidumiselani ngezigodi, isigodi sakho esichichimayo, wena ndodakazi ehlubukayo, othemba engcebeni yakho ngokuthi: ‘Ngubani ongehlela mina, na?’
5 Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho uvalo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti, “luvela kubo bonke abakuzungezayo, nixoshwe, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe, kungabikho obutha ababalekileyo.
6 “Kepha ngasemuva ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantwana bakwa-Amoni,” usho uJehova.
7 Ngo-Edoni. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Akusekho ukuhlakanipha eThemani na? Amasu aphelile kwabaqondileyo, ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?
8 Balekani, nibuye, nihlale ezigoxini nina bakhileyo eDedani, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe ingozi ka-Esawu ngesikhathi sokumhambela kwami.
9 Uma bekufika kuwe abavuna izithelo zomvini, abayikushiya umkhothozo; namasela ebusuku abeyakuchitha aze aneliswe.
10 Kepha mina ngiyakumhlubula u-Esawu, ngambule izindawo zakhe ezichithekileyo, kanakucasha; inzalo yakhe ichithekile, nabafowabo, nabakhelwane bakhe, yena abe engasekho.
11 Shiya izintandane zakho, mina ngiyakuziphilisa, abafelokazi bakho bethembe kimi.”
12 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, labo okwakungesibo okwabo ukuphuza indebe bayakuyiphuza nokuyiphuza; ubuyakuba ngongenacala na? Awuyikuba ngongenacala, ngokuba uyakuyiphuza nokuyiphuza.
13 Ngokuba ngizifungile,” usho uJehova, “ukuthi iBosira liyakuba yisimangaliso, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso, yonke imizi yalo ibe yizincithakalo eziphakade.”
14 Ngizwile imibiko evela kuJehova; kuthunyiwe isithunywa phakathi kwezizwe ngokuthi: “Buthanani, nilihlasele, nisukele ukulwa.”
15 “Ngokuba bheka, ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe, udelelwe phakathi kwabantu.
16 Ukwesabeka kwakho kukudukisile, ukuziqhenya kwenhliziyo yakho, wena ohlezi emifantwini yamawa ubambe isiqongo sentaba; noma wakha isidleke sakho njengokhozi, ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.
17 “U-Edomi uyakuba yisimangaliso, kumangale yilowo nalowo odlula kuye, ancimfe ngenxa yezinhlupheko zakhe.
18 Njengasekuchithweni kweSodoma neGomora nemizi yangakhona,” usho uJehova, “akuyikuhlala muntu khona, nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.
19 “Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”
20 Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehova asinike ngo-Edomi namacebo awacebile ngabakhileyo eThemani ukuthi: Abancinyane bomhlambi bayakudonswa, basuswe, ikhaya labo limangale ngabo.
21 Ngomsindo wokuwa kwabo umhlaba uyazamazama; ngukukhala okumsindo wakho uzwakele ngaseLwandle Olubomvu.
22 Bheka, onjengokhozi uyakhuphuka, andize, elulele amaphiko akhe kulo iBosira; izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.
23 NgeDamaseku. “IHamati ne-Aripadi kujabhile, ngokuba kuzwile imibiko emibi, kuphela amandla. Kuyahlupheka njengolwandle, akunakuthula.
24 IDamaseku selibuthakathaka, liyaphenduka ukuba libaleke; ingebhe ilibambile, ukudabuka nosizi kulibambile njengowesifazane obelethayo.
25 Yeka ukushiywa komuzi wodumo, umuzi wokuthokoza kwami!
26 Ngalokho izinsizwa zawo ziyakuwa ezitaladini zalo, nawo onke amadoda empi ayakuthuliswa ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti.
27 “Ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseDamaseku, uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.”
28 NgeKedari, nangemibuso yaseHasori ayinqobayo uNebukadinesari, inkosi yaseBabele. Usho kanje uJehova, uthi: “Sukani, nikhuphukele eKedari, nichithe abantwana basempumalanga.
29 Amatende abo nemihlambi yabo niyakukuthatha, bazithuthele izilenge zabo, nazo zonke izimpahla zabo, namakamela abo, bamemeze kubo, bathi: ‘Luvalo nxazonke.’
30 “Balekani, nizulazulele kude, nihlale ezigoxini nina bakhileyo eHasori,” usho uJehova, “ngokuba uNebukadinesari, inkosi yaseBabele wenze amasu ngani, waceba amacebo ngani.
31 “Sukani, nikhuphukele kuso isizwe esizinzileyo, esihlala ngokulondeka,” usho uJehova, “esingenazicabha nemigoqo, sakhe sodwa.
32 Amakamela aso ayakuba yimpango, nezinkomo zaso eziningi ziyakuphangwa. Ngiyakubahlakazela emimoyeni yonke, bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo, ngehlisele phezu kwabo izingozi ezivela nxazonke,” usho uJehova.
33 “IHasori liyakuba yindawo yokuhlala kwamakhanka nencithakalo kuze kube phakade; akuyikuhlala muntu khona, nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.”
34 Izwi elafika kuJeremiya umprofethi nge-Elamu ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda, ngokuthi:
35 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bheka, ngiyakwaphula umnsalo we-Elamu, okokuqala kwamandla abo.
36 Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamu imimoya emine emikhawulweni yomine yezulu, ngibahlakazele kuyo yonke leyo mimoya, kungabe kusabakho sizwe lapho abaxoshiweyo base-Elamu bengayikufika khona.
37 Ngiyakwenza ukuba i-Elamu liphele amandla ngaphambi kwezitha zalo naphambi kwabafuna ukuphila kwabo, ngibehlisele okubi, ukufutheka kwentukuthelo yami,” usho uJehova, “ngithume inkemba emva kwabo, ngize ngibaqede.
38 Ngiyakubeka isihlalo sami sobukhosi e-Elamu, ngichithe khona inkosi nezikhulu,” usho uJehova.
39 “Kepha kuyakuthi ezinsukwini zokugcina ngibuyise ukuthunjwa kwe-Elamu,” usho uJehova.