Genesise

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50

0:00
0:00

Isahluko 10

Lezi ziyizizukulwane zamadodana kaNowa: ngoShemi, noHamu, noJafete; bazalelwa amadodana emva kukazamcolo.
2 Amadodana kaJafete: ngoGomere, noMagoge, noMadayi, noJavani, noThubali, noMesheke, noTirase.
3 Amadodana kaGomere: ngo-Ashikenaze, noRifate, noThogarma.
4 Amadodana kaJavani: ngo-Elisha, noTharishishi, noKitimi, noDodanimi.
5 Kuvela kulabo iziqhingi zabezizwe zahlukaniselwa amazwe abo, kwaba yilelo nalelo ngolimi lwalo, nangemindeni yalo, nangezizwe zalo.
6 Amadodana kaHamu: ngoKushe, noMisirayimi, noPhuthi, noKhanani.
7 Amadodana kaKushe: ngoSeba, noHavila, noSabita, noRama, noSabitheka. Amadodana kaRama: ngoSheba noDedani.
8 UKushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni.
9 Wayeyiphisi elinamandla ebusweni bukaJehova; ngalokho kuthiwa: “Iphisi elinamandla njengoNimrode ebusweni bukaJehova.”
10 Ukubusa kwakhe kwaqala eBabele, nase-Ereke, nase-Akade, naseKaline, ezweni laseShineyari.
11 Waphuma kulelo zwe, waya e-Asiriya, wakha iNineve, neRehoboti-Ire, neKhala,
12 neResene phakathi kweNineve neKhala; lo ungumuzi omkhulu.
13 UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi,
14 namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti namaKafitori.
15 UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,
16 namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi,
17 namaHivi, nama-Arki, namaSini,
18 nama-Arvadi, namaSemari, namaHamati; ngasemuva imindeni yamaKhanani yahlakazeka.
19 Umkhawulo wamaKhanani wawususukela eSidoni, waya ngaseGerari waze wafika eGaza; waya ngaseSodoma naseGomora nase-Adima naseSeboyimi waze wafika eLasha.
20 Labo babe ngamadodana kaHamu ngemindeni yawo nangezilimi zawo emazweni awo nasezizweni zawo.
21 NoShemi uyise wabantwana bonke baka-Ebere, umnewabo omkhulu kaJafete, wazala abantwana.
22 Amadodana kaShemi: ngo-Elamu, no-Ashuri, no-Arapakishade, noLude, no-Aramu.
23 Amadodana ka-Aramu: ngo-Use, noHule, noGeteri, noMashe.
24 U-Arpakishade wazala uShela; uShela wazala u-Ebere.
25 U-Ebere wazala amadodana amabili; igama lomunye lalinguPhelege, ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo lalinguJokothane.
26 UJokothane wazala o-Alimodade, noShelefe, noHasaramavete, noJere,
27 noHadoramu, no-Uzali, noDikila,
28 no-Obale, no-Abimayele, noSheba,
29 no-Ofiri, noHavila, noJababi; bonke laba babengamadodana kaJokothane.
30 Ukwakha kwabo kwasukela eMesha kwaze kwafika ngaseSefare, intaba yasempumalanga.
31 Laba babe ngamadodana kaShemi ngemindeni yawo nangezilimi zawo, emazweni awo nasezizweni zawo.
32 Lezi ziyimindeni yamadodana kaNowa ngezizukulwane zawo ezizweni zawo; ngalawo izizwe zahlakazeka emhlabeni emva kukazamcolo.