Genesise

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50

0:00
0:00

Isahluko 28

U-Isaka wambiza uJakobe, wambusisa, wamyala, wathi kuye: “Awuyikuthatha umfazi kuwo amadodakazi aseKhanani.
2 Vuka uye ePhadani Aramu endlini kaBetuweli uyise kanyoko, uzithathele khona umfazi kuwo amadodakazi kaLabani unyokolume.
3 UNkulunkulu uSomandla makakubusise, akuchumise, akwandise, ube yizizwe eziningi,
4 akuphe isibusiso sika-Abrahama, wena nenzalo yakho kanye nawe, udle ifa lezwe lokugogobala kwakho uNkulunkulu amnika lona u-Abrahama.”
5 U-Isaka wayesemmukisa uJakobe, waya ePhadani Aramu kuye uLabani indodana kaBetuweli umAramu, umfowabo kaRebeka unina kaJakobe no-Esawu.
6 U-Esawu ebona ukuthi u-Isaka umbusisile uJakobe, wamthuma ePhadani Aramu ukuyothatha khona umfazi, nokuthi lapho embusisa wamyala wathi: “Awuyikuthatha umfazi kuwo amadodakazi aseKhanani,”
7 nokuthi uJakobe walalela uyise nonina, waya ePhadani Aramu,
8 khona u-Esawu wabona ukuthi amadodakazi aseKhanani mabi emehlweni ka-Isaka uyise,
9 waya ku-Ishmayeli, wathatha uMahalati indodakazi ka-Ishmayeli indodana ka-Abrahama, udadewabo kaNebayoti, abe ngumkakhe kanye nabafazi ayesenabo.
10 UJakobe wayesemuka eBeri Sheba, waya eHarana.
11 Wafika endaweni ethile, wahlala khona ubusuku bonke, ngokuba ilanga lase lishonile; wathatha elinye lamatshe aleyondawo, walibeka phansi kwekhanda lakhe, walala kuleyo ndawo.
12 Waphupha, bheka, nanko umkhwelo umiswe emhlabathini, isihloko sawo sifinyelela ezulwini; nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla kuwo.
13 Bheka, uJehova wayemi ngaphezu kwawo, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu ka-Abrahama uyihlo, noNkulunkulu ka-Isaka; leli zwe olele kulo ngizakulinika wena nenzalo yakho.
14 Inzalo yakho iyakuba ngangothuli lomhlabathi, wena usabalalele ngasentshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; ngawe nangenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.
15 Bheka, nginawe; ngiyakukulondoloza nakuphi lapho uya khona, ngikubuyisele kuleli zwe, ngokuba angiyikukushiya, ngingakakwenzi lokho engikushilo kuwe.”
16 Wayesephaphama uJakobe ebuthongweni bakhe, wathi: “Imbala uJehova ukule ndawo, mina-ke bengingakwazi.”
17 Washaywa luvalo, wathi: “Yeka ukwesabeka kwale ndawo! Akusikho okunye, yindlu kaNkulunkulu kuphela, yisango lezulu.”
18 UJakobe wavuka ekuseni, walithatha itshe abelibeke phansi kwekhanda lakhe, walimisa laba yinsika, wathela amafutha esihlokweni salo.
19 Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBethele; kuqala igama lomuzi laliyiLuze.
20 UJakobe wenza isithembiso, wathi: “Uma uNkulunkulu eyakuba nami, angilondoloze kule ndlela engihamba ngayo, angiphe isinkwa sokudliwa nezingubo zokwembatha,
21 ukuze ngibuyele endlini kababa ngokuthula, khona uJehova uyakuba nguNkulunkulu wami,
22 naleli tshe engilimise libe yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu, nakukho konke oyakungipha khona ngiyakukunika okweshumi.”