Genesise

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50

0:00
0:00

Isahluko 13

U-Abrama wakhuphuka eGibithe kanye nomkakhe nakho konke anakho, uLoti enaye, waya ngaseningizimu.
2 U-Abrama wayefuyile kakhulu izinkomo, nesiliva, negolide.
3 Kuzo izinkambo zakhe wasuka eningizimu, wafika eBethele, leyo ndawo lapho lalikhona itende lakhe kuqala, phakathi kweBethele ne-Ayi,
4 indawo ye-altare abelenzile khona kuqala; u-Abrama wakhuleka lapho egameni likaJehova.
5 Naye uLoti owahamba no-Abrama wayenezimvu, nezinkomo, namatende.
6 Izwe lalingenakubanela ukuba bahlale ndawonye, ngokuba impahla yabo yayiningi kunokuba bahlale ndawonye.
7 Kwavela ukuxabana phakathi kwabelusi bezinkomo zika-Abrama nabelusi bezinkomo zikaLoti; amaKhanani namaPherizi ayehlala khona ezweni.
8 U-Abrama wathi kuLoti: “Akungabikho ukuxabana phakathi kwami nawe naphakathi kwabelusi bami nabelusi bakho, ngokuba singabazalwane.
9 Izwe lonke alisobala ebusweni bakho na? Mawuhlukane nami; uma uya ngakwesokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene; uma uya ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.”
10 ULoti waphakamisa amehlo akhe, wabona ukuthi ithafa lonke laseJordani lalinamanzi lonke; uJehova engakachithi iSodoma neGomora, lalinjengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibithe kwaze kwaba seSowari.
11 ULoti wakhetha ithafa lonke laseJordani; uLoti wasuka waya ngasempumalanga; bahlukana omunye nomunye.
12 U-Abrama wahlala ezweni laseKhanani; uLoti wahlala emizini yasethafeni, wamisa itende lakhe ngaseSodoma.
13 Kepha abantu baseSodoma babebabi, bengabonayo kakhulu phambi kukaJehova.
14 UJehova wathi ku-Abrama, uLoti esehlukene naye: “Phakamisa manje amehlo akho ubuke, usendaweni lapho umi khona, ngasenyakatho, naseningizimu, nasempumalanga, nasentshonalanga,
15 ngokuba izwe lonke olibonayo ngiyakulinika wena nenzalo yakho kuze kube phakade.
16 Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, kuze kuthi, uma umuntu engabala uthuli lomhlaba, iyakubalwa nenzalo yakho.
17 Suka udabule izwe, ubude balo nobubanzi balo, ngokuba ngiyakukunika lona.”
18 Wayesesuka u-Abrama, weza wakha ngasema-okini aseMamre laseHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.