Genesise

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50

0:00
0:00

Isahluko 30

URaheli esebonile ukuthi wayengamzaleli uJakobe abantwana, uRaheli waba nomhawu ngodadewabo, wathi kuJakobe: “Ngiphe abantwana, funa ngife.”
2 Intukuthelo kaJakobe yayisivuthela uRaheli, wathi: “Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu okwenqabele isithelo sesizalo na?”
3 Wathi: “Nansi incekukazi yami uBiliha; ngena kuye, ukuze azalele emathangeni ami, ngakheke nami ngaye.”
4 Wayesemupha uBiliha incekukazi yakhe, abe ngumkakhe; uJakobe wangena kuye.
5 UBiliha wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana.
6 Wayesethi uRaheli: “UNkulunkulu ungahlulele, futhi wezwa izwi lami: wangipha indodana,” ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uDani.
7 UBiliha incekukazi kaRaheli wabuye wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesibili.
8 URaheli wathi: “Ngokubambana ngibambene nodadewethu ngamandla kaNkulunkulu, ngamahlula,” waqamba igama layo ngokuthi uNafetali.
9 ULeya esebonile ukuthi ukhawulile ukuzala, wamthatha uZilipa incekukazi yakhe, wamupha uJakobe, abe ngumkakhe.
10 UZilipa incekukazi kaLeya wamzalela uJakobe indodana.
11 ULeya wayesethi: “Kwenziwe inhlanhla,” waqamba igama layo ngokuthi uGadi.
12 UZilipa incekukazi kaLeya wamzalela indodana yesibili.
13 Wayesethi uLeya: “Yisibusiso sami! Ngokuba izintombi ziyakungibiza ngokuthi ngingobusisiweyo,” waqamba igama layo ngokuthi u-Asheri.
14 Ngesikhathi sokuvuna ukolweni uRubeni waya wafumana amamandragora endle, wawayisa kunina uLeya. URaheli wayesethi kuLeya: “Ake ungiphe amamandragora endodana yakho.”
15 Wathi kuye: “Kuncane yini ukuba uthathile umyeni wami na? Usuyakuthatha namamandragora endodana yami na?” URaheli wathi: “Ngalokho uzakulala nawe ngalobu busuku ngamamandragora endodana yakho.”
16 Kusihlwa uJakobe esebuya endle, uLeya waya ukumhlangabeza, wathi: “Ngena kimi, ngokuba impela ngikuqashile ngamamandragora endodana yami.” Wayeselala naye ngalobo busuku.
17 UNkulunkulu wamuzwa uLeya; wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesihlanu.
18 Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu unginikile umvuzo, lokhu ngamnika umyeni wami incekukazi yami,” waqamba igama lakhe ngokuthi u-Isakare.
19 ULeya wabuye wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesithupha.
20 Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu ungiphe isipho esihle; manje umyeni wami useyakuhlala kimi, ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha,” waqamba igama layo ngokuthi uZebuloni.
21 Ngasemuva wazala indodakazi, waqamba igama layo ngokuthi uDina.
22 UNkulunkulu wamkhumbula uRaheli, uNkulunkulu wamuzwa, wavula isizalo sakhe.
23 Wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “UNkulunkulu ususile ihlazo lami.”
24 Waqamba igama layo ngokuthi uJosefa, ethi: “UJehova makangenezelele nenye indodana futhi.”
25 Kwathi uRaheli esemzalile uJosefa, uJakobe wathi kuLabani: “Ngimukise ukuba ngiye endaweni yami ezweni lakithi.
26 Ngiphe omkami nabantwana bami engikusebenzele ngabo, ngihambe, ngokuba uyawazi umsebenzi engikwenzele wona.”
27 ULabani wayesethi kuye: “Ake ngifumane umusa emehlweni akho. Sengibonile ukuthi uJehova ungibusisile ngenxa yakho.”
28 Wathi futhi: “Nquma umvuzo wakho, ngikuphe wona.”
29 Wathi kuye: “Uyazi wena ukuthi ngikukhonze kanjani nokuthi izinkomo zakho zazinjani kimi.
30 Ngokuba kwakukuncane okwakho ngingakafiki; kepha kwandile, sekukuningi; uJehova ukubusisile ezinyathelweni zami; manje ngiyakuyisebenzela nini eyami indlu na?”
31 Wathi: “Ngiyakukuphani na?” Wathi uJakobe: “Awuyikunginika lutho; uma ungenzela lokhu, ngiyakubuye ngaluse umhlambi wakho, ngiwulinde.
32 Namuhla ngiyakudabula emhlambini wakho wonke, ngikhiphe khona zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, nazo zonke ezimnyama ezimvini, nezimagqabhagqabha nezimanakanaka ezimbuzini, kube ngumvuzo wami.
33 Ukulunga kwami kuyakungifakazela ngesikhathi esizayo, lapho ufika ngomvuzo wami osebusweni bakho, ukuthi zonke ezingemanakanaka nezingemagqabhagqabha ezimbuzini, nezingemnyama ezimvini ezikimi, mazithiwe zebiwe.”
34 Wayesethi uLabani: “Bheka, makube njengezwi lakho.”
35 Ngalowo muhla wakhipha izimpongo ezinemishwe nezimagqabhagqabha, nezimbuzikazi zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, zonke ezinokumhlophe, nezimnyama zonke ezimvini, wazinikela esandleni samadodana akhe.
36 Wamisa ibanga lezinsuku ezintathu phakathi kwakhe noJakobe; uJakobe walusa imihlambi eseleyo kaLabani.
37 UJakobe wathatha izinti ezimanzi zompopula nezomalimondi nezompelatani, wazebula imishwe emhlophe, wambula okumhlophe okusezintini.
38 Wazifaka izinti abezebulile emikhombeni nasemiqengqeni yamanzi phambi kwemihlambi, lapho imihlambi iza khona ukuphuza; yamitha ekufikeni kwayo ukuphuza.
39 Imihlambi yamitha phambi kwezinti, imihlambi yazala ezinemishwe, nezimanakanaka, nezimagqabhagqabha.
40 UJakobe wayesahlukanisa amawundlu, wabhekisa ubuso bemihlambi kwezinemishwe nakwezimnyama emhlambini kaLabani; wabeka amaqembu akhe abe wodwa engawafaki emhlambini kaLabani.
41 Kwathi lapho ibiyakumitha imihlambi eqinileyo, uJakobe wabeka izinti phambi kwamehlo emihlambi emiqengqeni ukuba imithe phakathi kwezinti.
42 Kepha lapho umhlambi wawubuthakathaka, akazifakanga; yathi-ke ebuthakathaka yaba ngekaLabani neqinileyo yaba ngekaJakobe.
43 Yayisikhula kakhulu impela le ndoda, yaba nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.