Genesise

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50

0:00
0:00

Isahluko 46

U-Israyeli wasuka nakho konke okwakhe, wafika eBeri Sheba, wanikela iminikelo kuNkulunkulu kayise u-Isaka.
2 UNkulunkulu wakhuluma ku-Israyeli ngemibono yasebusuku, wathi: “Jakobe, Jakobe!” Wathi: “Ngilapha.”
3 Wayesethi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibithe, ngokuba ngiyakukwenza khona isizwe esikhulu.
4 Mina ngiyakwehla, ngiye nawe eGibithe; impela ngizakubuye ngikukhuphule futhi. UJosefa uyakubeka isandla sakhe phezu kwamehlo akho.”
5 UJakobe wayesesuka eBeri Sheba; amadodana ka-Israyeli amthwala uJakobe uyise, nezingane zawo, nawomkawo ezinqoleni abezithumile uFaro zokumthwala.
6 Bathatha imfuyo yabo nempahla yabo ababeyizuze ezweni laseKhanani, bafika eGibithe, uJakobe nayo yonke inzalo yakhe kanye naye.
7 Amadodana akhe, namadodana amadodana akhe, namadodakazi akhe, namadodakazi amadodana akhe, nayo yonke inzalo yakhe wayiletha kanye naye eGibithe.
8 Lawa angamagama abantwana bakwa-Israyeli abafika eGibithe, uJakobe namadodana akhe: nguRubeni izibulo likaJakobe.
9 Amadodana kaRubeni: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi.
10 Amadodana kaSimeyoni: ngoJemuweli, noJamini, no-Ohade, noJakini, noSohari, noShawule, indodana yowesifazane waseKhanani.
11 Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari.
12 Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela, noPheresi, noZera; kepha o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. Amadodana kaPheresi ayengoHesironi noHamule.
13 Amadodana ka-Isakare: ngoThola, noPhuva, noJobe noShimroni.
14 Amadodana kaZebuloni: ngoSeredi, no-Eloni, noJaleli.
15 Yilawo angamadodana kaLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu kanye noDina indodakazi yakhe; yonke imiphefumulo yamadodana akhe namadodakazi akhe yayingamashumi amathathu nantathu.
16 Amadodana kaGadi: ngoSifijoni, noHagi, noShuni, no-Esiboni, no-Eri, no-Arodi, no-Areli.
17 Amadodana ka-Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo; amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli.
18 Yilawo angamadodana kaZilipa uLabani amnika yena uLeya indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe, abantu abayishumi nesithupha.
19 Amadodana kaRaheli umkaJakobe: ngoJosefa noBenjamini.
20 KuJosefa kwazalelwa ezweni laseGibithe oManase no-Efrayimi, amzalela bona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.
21 Amadodana kaBenjamini: ngoBela, noBekeri, no-Ashibeli, noGera, noNahamani, no-Ehi, noRoshe, noMuphimi, noHuphimi, no-Arida.
22 Yilawo angamadodana kaRaheli azalelwa wona uJakobe; bonke abantu babe yishumi nane.
23 Amadodana kaDani: nguHushimi.
24 Amadodana kaNafetali: ngoJaseli, noGuni, noJeseri, noShilemi.
25 Yilawo angamadodana kaBiliha uLabani amnika uRaheli indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe; bonke abantu babe yisikhombisa.
26 Bonke abantu abeza noJakobe eGibithe abaphuma okhalweni lwakhe, ngaphandle kwabafazi bamadodana kaJakobe, bonke abantu babe ngamashumi ayisithupha nesithupha.
27 Amadodana kaJosefa azalelwa wona eGibithe ayengabantu ababili; bonke abantu bendlu kaJakobe abeza eGibithe babe ngamashumi ayisikhombisa.
28 Wathuma uJuda ngaphambi kwakhe kuJosefa ukuyokhomba phambi kwakhe indlela eya eGosheni.
29 UJosefa wayesebophela inqola yakhe, wakhuphuka ukumhlangabeza u-Israyeli uyise eGosheni; wazibonakalisa kuye, wawa entanyeni yakhe, wakhala ngasentanyeni yakhe isikhathi eside.
30 U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Sengingafa, lokhu ngibone ubuso bakho ukuthi usekhona.”
31 UJosefa wathi kubafowabo nakuyo indlu kayise: “Ngizakukhuphuka, ngimtshele uFaro, ngithi kuye: ‘Abafowethu nendlu kababa ababesezweni laseKhanani sebefike kimi.
32 Lawa madoda angabelusi bezimvu, ngokuba ayengamadoda emfuyo; aselethile izimvu zawo, nezinkomo zawo, nakho konke anakho.’
33 Kuyakuthi lapho uFaro enibiza athi: ‘Uyini umsebenzi wenu,’
34 anothi: ‘Izinceku zakho zingabantu bemfuyo kwasebusheni bethu kuze kube manje, thina nawobaba,’ ukuze nihlale ezweni laseGosheni, ngokuba wonke umalusi wezimvu uyanengeka kwabaseGibithe.”