Genesise

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50

0:00
0:00

Isahluko 8

UNkulunkulu wayesemkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezinaye emkhunjini. UNkulunkulu wadlulisa umoya phezu komhlaba, amanzi abohla.
2 Imithombo yotwa namafasitele asezulwini kwavinjwa, imvula yasezulwini yaphela.
3 Amanzi ayesemuka njalo emhlabeni; emva kwezinsuku eziyikhulu namashumi ayisihlanu amanzi ancipha.
4 Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nesikhombisa enyangeni umkhumbi wema ezintabeni zase-Ararati.
5 Amanzi ancipha njalonjalo, kwaze kwaba senyangeni yeshumi. Ngeyeshumi ngolokuqala lwenyanga iziqongo zezintaba zabonakala.
6 Kwathi emva kwezinsuku ezingamashumi amane uNowa wavula ifasitele lomkhumbi abelenzile.
7 Wathuma igwababa, lazulazula njalo, aze asha amanzi emhlabeni.
8 Wayesethuma ijuba ukubona ukuba amanzi asenciphile yini ebusweni bomhlaba.
9 Kepha ijuba lalingafumani ukuphumula kwamathe onyawo lwalo, labuyela kuye emkhunjini, ngokuba amanzi ayesesebusweni bomhlaba wonke; waselula isandla sakhe, walithatha, walingenisa kuye emkhunjini.
10 Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; waphinda walithuma ujuba emkhunjini.
11 Ijuba lafika kuye ngakusihlwa; bheka, kusemlonyeni walo iqabunga lomnqumo elikhiweyo. Wase azi uNowa ukuthi amanzi anciphile emhlabeni.
12 Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; walithuma ijuba; alabe lisabuyela kuye.
13 Kwathi ngomnyaka wamakhulu ayisithupha nanye ngenyanga yokuqala ngolokuqala lwenyanga amanzi abeseshile emhlabeni; uNowa wasusa uphahla lomkhumbi, wabona, bheka, ubuso bomhlaba base bomile.
14 Ngenyanga yesibili ngosuku lwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga umhlaba wawusomile.
15 UNkulunkulu wakhuluma kuNowa, wathi:
16 “Phuma emkhunjini, wena nomkakho, namadodana akho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe.
17 Phuma kanye nezilwane zonke eziphilayo zenyama yonke, izinyoni, nezinkomo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni, zichume emhlabeni, zizale, zande emhlabeni.”
18 Wayesephuma uNowa namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe bekanye naye.
19 Zonke izilwane, nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo, nazo zonke izinyoni, konke okuhamba emhlabeni ngezinhlobo zakho kwaphuma emkhunjini.
20 UNowa wamakhela uJehova i-altare, wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela umnikelo wokushiswa e-altare.
21 UJehova wezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.
22 Umhlaba usekhona, ukutshala nokuvuna, amakhaza nokufudumala, ihlobo nobusika, imini nobusuku akuyikunqamuka.”