Hezekeli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48

0:00
0:00

Isahluko 10

Ngase ngibona, bheka, emkhathini owawuphezu kwamakhanda amakherubi kwabonakala okunjengetshe lesafire, kufana kungathi nesihlalo sobukhosi.
2 Wakhuluma kuyo indoda eyembethe ilineni, wathi: “Ngena phakathi kwamasondo ayingilizayo phansi kwekherubi, ugcwalise izandla zakho zombili ngamalahle omlilo ophakathi kwamakherubi, uwahlakaze phezu komuzi.” Yangena phambi kwamehlo ami.
3 Amakherubi ayemi ngakwesokunene kwendlu ekungeneni kwendoda, ifu lagcwalisa igceke elingaphakathi.
4 Inkazimulo kaJehova yenyuka ekherubini, yaya embundwini wendlu; indlu yagcwala ifu, igceke lagcwala ukumenyezela kwenkazimulo kaJehova.
5 Umsindo wamaphiko amakherubi wezwakala kwaze kwaba segcekeni elingaphandle njengezwi likaNkulunkulu uSomandla, lapho ekhuluma.
6 Kwathi lapho eyala indoda eyembethe ilineni, ethi: “Thatha umlilo phakathi kwamasondo ayingilizayo phakathi kwamakherubi,” yangena, eceleni kwesondo.
7 Ikherubi lelulela isandla salo liphakathi kwamakherubi kuwo umlilo owawuphakathi kwamakherubi, lawuthatha, lawubeka ezandleni zakhe owembethe ilineni; wawuthatha, waphuma.
8 Kwabonakala kuwo amakherubi isimo sesandla somuntu phansi kwamaphiko awo.
9 Ngabona, bheka, nanko amasondo amane eceleni kwamakherubi, elinye isondo eceleni kwelinye ikherubi nelinye isondo eceleni kwelinye ikherubi; ukubonakala kwamasondo kwakunjengetshe lekrisolithe.
10 Kungathi omane ayenesimo sinye, njengalokho kwakukhona isondo phakathi kwesondo.
11 Ekuhambeni kwawo aya ezinhlangothini zozine, awaphendukanga ekuhambeni kwawo, kepha lapho ikhanda lalibhekisa khona alilandela; awaphendukanga ekuhambeni kwawo.
12 Wonke umzimba wawo, nemihlane yawo, nezandla zawo, namaphiko awo, namasondo kwakugcwele amehlo nxazonke; yebo, amasondo lawa omane ayenawo.
13 Amasondo ayebizwa ezindlebeni zami ngokuthi ayingilizayo.
14 Yilelo nalelo lalinobuso obune; ubuso bokuqala babungubuso bekherubi, ubuso besibili babungubuso bomuntu, obesithathu babungubuso bengonyama, nobesine babungubuso bokhozi.
15 Amakherubi aziphakamisa; yilezi zidalwa engazibona ngasemfuleni iKhebari.
16 Ekuhambeni kwamakherubi amasondo ahamba eceleni kwawo, nalapho amakherubi ephakamisa amaphiko awo ukwenyuka emhlabathini, amasondo awaphendukanga eceleni kwawo.
17 Ekumeni kwawo nalawa ema; ekwenyukeni kwawo enyuka nawo, ngokuba umoya wezidalwa wayekuwo.
18 Inkazimulo kaJehova yaphuma phezu kombundu wendlu, yema phezu kwamakherubi.
19 Amakherubi aphakamisa amaphiko awo, enyuka emhlabathini phambi kwamehlo ami ekuphumeni kwawo, amasondo eseceleni kwawo; ema ngasesivalweni sesango lasempumalanga lendlu kaJehova; inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayiphezu kwawo.
20 Yilezi zidalwa engazibona phansi kukaNkulunkulu ngasemfuleni iKhebari, ngazi ukuthi zazingamakherubi.
21 Yilelo nalelo lalinobuso obune, yilelo lalinamaphiko amane, nesimo sezandla zomuntu sasiphansi kwamaphiko awo.
22 Isimo sobuso bawo, bona babungubuso engabubona ngasemfuleni iKhebari, ukubonakala kwabo, yebo, bona uqobo lwabo; yilelo nalelo lahamba ngokuqonda kobuso balo.