Hezekeli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48

0:00
0:00

Isahluko 6

Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ezintabeni zakwa-Israyeli, uprofethe ngazo, uthi:
3 ‘Nina zintaba zakwa-Israyeli, yizwani izwi leNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula yamanzi nakuzo izigodi, lithi: Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu inkemba, ngichithe izindawo zenu eziphakemeyo.
4 Ama-altare enu ayakuba yincithakalo, kwaphulwe ama-altare enu empepho, ngilahle ababuleweyo benu phambi kwezithombe zenu.
5 Ngiyakubeka izidumbu zabantwana bakwa-Israyeli phambi kwezithombe zabo, ngihlakaze amathambo enu nxazonke zama-altare enu.
6 Kuzo zonke izindawo zokuhlala kwenu imizi iyakuchithwa, izindawo eziphakemeyo zibe yincithakalo ukuba kuchithwe ama-altare enu, achitheke, kwaphulwe izithombe zenu ziphele, ama-altare enu empepho abhidlizwe, imisebenzi yenu ihlangulwe.
7 Ababulawayo bayakuwa phakathi kwenu, nazi ukuthi mina nginguJehova.
8 “ ‘Kepha ngiyakushiya insali, nibe nabayakuphepha enkembeni phakathi kwezizwe, lapho nihlakazeka emazweni.
9 Abaphephayo benu bayakungikhumbula phakathi kwezizwe abayakuthunjelwa kuzo, lapho ngaphula izinhliziyo zabo eziphingayo, ezichezukile kimi, namehlo abo alandela izithombe zabo ukuba baphinge nazo, banengwe emehlweni abo ngokubi abakwenzileyo ezinengisweni zabo zonke.
10 Bayakwazi ukuthi nginguJehova; angishongo ngeze ukuthi ngiyakwenza lokhu okubi kubo.
11 “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Shaya ngesandla sakho, udubhuze ngonyawo lwakho, uthi: “Maye, ngenxa yazo zonke izinengiso ezimbi zendlu yakwa-Israyeli!” Ngokuba bayakuwa ngenkemba, nangendlala, nangesifo.
12 Okude uyakufa ngesifo, oseduze uyakuwa ngenkemba, oseleyo evinjezelwe uyakufa ngendlala, ngifeze kanjalo ukufutheka kwami kubo.
13 Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ababuleweyo babo beyakuba phakathi kwezithombe zabo nxazonke zama-altare abo kuwo onke amagquma aphakemeyo, nakuzo zonke iziqongo zezintaba, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, naphansi kwawo onke ama-oki adumbileyo, izindawo lapho bebenikela khona ngephunga elimnandi kuzo zonke izithombe zabo.
14 Ngiyakuselulela kubo isandla sami, ngenze izwe libe yincithakalo nokuyize kunehlane laseDibila kuzo zonke izindawo zabo zokuhlala, bazi ukuthi nginguJehova.’ ”