Hezekeli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48

0:00
0:00

Isahluko 11

UMoya wangiphakamisa, wangiyisa esangweni lendlu kaJehova lasempumalanga, elibhekene nempumalanga; bheka, ngasesivalweni sesango kwakukhona amadoda angamashumi amabili nanhlanu; ngabona phakathi kwawo uJahazaniya indodana ka-Azuri noPhelathiya indodana kaBenaya, izikhulu zabantu.
2 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yilawa madoda aceba okubi, anika iziluleko ezimbi kulo muzi,
3 athi: ‘Akuseduze yini ukuba kwakhiwe izindlu? Lo muzi uyikhanzi, thina siyinyama.’
4 Ngalokho profetha ngabo, uprofethe, ndodana yomuntu.”
5 UMoya kaJehova wehlela phezu kwami, wathi kimi: “Yisho uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Nisho njalo nina ndlu ka-Israyeli; ngiyazi mina okungena emoyeni wenu.
6 Nandisile ababuleweyo benu kulo muzi, nigcwalisile izitaladi zawo ngababuleweyo.
7 “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ababuleweyo benu enibabekile phakathi kwawo bayinyama, nawo uqobo uyikhanzi, kepha nina ngiyakunikhipha phakathi kwawo.
8 Niyesabile inkemba; ngiyakunehlisela inkemba, isho iNkosi uJehova.
9 Ngiyakunikhipha phakathi kwawo, ngininikele esandleni sabafokazi, ngahlulele phakathi kwenu.
10 Niyakuwa ngenkemba, nginahlulele emkhawulweni wakwa-Israyeli; nazi ukuthi nginguJehova.
11 Lo muzi awuyikuba yikhanzi, nani aniyikuba yinyama phakathi kwalo; ngiyakunahlulela emkhawulweni wakwa-Israyeli,
12 nazi ukuthi nginguJehova, ngokuba anihambanga ngezimiso zami, nezahlulelo zami anizenzanga, kepha nenze njengezahlulelo zezizwe ezinihaqayo.”
13 Kwathi lapho ngiprofetha, uPhelathiya indodana kaBenaya wafa. Ngase ngiwa ngobuso, ngakhala ngezwi elikhulu, ngathi: “O Nkosi Jehova, uyakwenza ukuba iphele insali yakwa-Israyeli na?”
14 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
15 “Ndodana yomuntu, abafowenu, yebo, abafowenu abayizihlobo zakho nayo yonke indlu yakwa-Israyeli, bonke abakhileyo eJerusalema abashilo kubo ukuthi: ‘Dedani kuJehova; leli zwe linikiwe thina libe yifa.’
16 “Thana ngabo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Noma ngibadedisele kude phakathi kwezizwe, ngabahlakazela emazweni, ngaba yindlu engcwele nokho kubo isikhashana emazweni ababehlakazelwe kuwo.’
17 “Ngalokho thana: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakunibutha ezizweni, nginiqoqe emazweni enihlakazekelwe kuwo, ngininike izwe lakwa-Israyeli.’
18 “Bayakufika khona, basuse lapho konke okuzondekayo kwalo nazo zonke izinengiso zalo.
19 Ngiyakubanika inhliziyo ibe nye, ngibeke umoya omusha phakathi kwabo, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yabo, ngibanike inhliziyo yenyama
20 ukuba bahambe ngezimiso zami, bagcine izahlulelo zami, bazenze, babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo.
21 Kepha labo abanhliziyo zabo zilandela izinhliziyo zokuzondekayo kwabo nezinengiso zabo, ngiyakwehlisela phezu kwamakhanda abo indlela yabo, isho iNkosi uJehova.”
22 Amakherubi ayesephakamisa amaphiko awo namasondo ayeseceleni kwawo; inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayiphezu kwawo.
23 Inkazimulo kaJehova yakhuphuka phakathi komuzi, yema entabeni engasempumalanga komuzi.
24 UMoya wayesengiphakamisa, wangiyisa ngombono ngoMoya kaNkulunkulu eKalideya kubathunjwa. Wase wenyuka kimi umbono engiwubonileyo.
25 Ngase ngikhuluma kubathunjwa zonke izinto uJehova angibonisile zona.