Hezekeli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48

0:00
0:00

Isahluko 15

Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, umuthi womvini udlula ngani imithi yonke, igatsha lomvini eliphakathi kwemithi yasehlathini, na?
3 Kuyakuthathwa kuwo umuthi wokwenza umsebenzi, noma kuthathwe kuwo isikhonkwane ukuphanyeka isitsha, na?
4 Bheka, uyafakwa emlilweni ukuba udliwe, ziqedwe ngumlilo izihloko zawo zombili, kuhanguke okuphakathi kwazo; usulungele umsebenzi na?
5 Bheka, usaphelele awenziwanga waba ngokomsebenzi; kakhulu kangakanani, lapho umlilo uwuqedile wahanguka, uyobe usenziwa ube ngokomsebenzi, na?
6 “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Njengomuthi womvini phakathi kwemithi yasehlathini engiwunike umlilo ukuba uqedwe, kanjalo ngiyakunikela abakhileyo eJerusalema.
7 Ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nabo; baphumile emlilweni, kepha umlilo uyakubaqeda; niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibhekisa ubuso bami bumelane nabo.
8 Ngiyakwenza izwe libe yincithakalo, ngokuba benze isiphambeko, isho iNkosi uJehova.”