Hezekeli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48

0:00
0:00

Isahluko 33

Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, khuluma kubantwana babantu bakho, uthi kubo: ‘Lapho ngehlisela phezu kwezwe inkemba, abantu bezwe bese bethatha umuntu phakathi kwabo, bambeke umlindi wabo,
3 nalapho yena esebona inkemba yehla phezu kwezwe, abethe icilongo, axwayise abantu,
4 okuzwayo ukukhala kwecilongo angaxwayi kodwa, bese yehla inkemba, imsuse, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe.
5 Ukukhala kwecilongo wakuzwa, kepha akaxwayanga; igazi lakhe liyakuba kuye; uma exwayile, nga ezophulile.
6 Kepha uma umlindi ebona inkemba yehla, angabethi icilongo, abantu bangaxwayi, bese yehla inkemba, isuse umuntu kubo, uyasuswa ngenxa yobubi bakhe kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni somlindi.’
7 “Wena-ke, ndodana yomuntu, ngikubeke umlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli; yizwa izwi lomlomo wami, ubaxwayise, kuvela kimi.
8 Lapho ngithi komubi: ‘Muntu omubi, uyakufa nokufa,’ bese wungakhulumi ukuba uxwayise omubi ashiye indlela yakhe, lowo muntu omubi uyakufa ngenxa yobubi bakhe, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.
9 Kepha uma umxwayisa omubi ukuba ashiye indlela yakhe, abuye kuyo, angabuyi kodwa endleleni yakhe, uyakufa ngenxa yobubi bakhe, kepha wena uzikhululile.
10 “Wena ndodana yomuntu, yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Nisho kanje, nithi: “Impela iziphambeko zethu nezono zethu ziphezu kwethu, siyonda ngenxa yazo; pho, siyakuphila kanjani na?” ’
11 Yisho kubo, uthi: ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina ndlu yakwa-Israyeli na?’
12 “Kepha wena ndodana yomuntu, yisho kubantwana babantu bakho, uthi: ‘Ukulunga kolungileyo akuyikumophula ngosuku lwesiphambeko sakhe, nobubi-ke bomubi akayikuwa ngabo ngosuku lokubuya kwakhe ebubini bakhe, nolungileyo akanakuphila ngakho ngosuku lokona kwakhe.’
13 Lapho ngisho kolungileyo ukuthi uyakuphila nokuphila, yena abesethemba ekulungeni kwakhe kodwa, enze okubi, akuyikukhunjulwa nesisodwa sezenzo zakhe ezilungileyo, kepha uyakufela kokubi akwenzileyo.
14 Lapho ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ yena abesephenduka kodwa esonweni sakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo,
15 yena lo mubi abuyise isibambiso, akhokhe ayekuthathile, ahambe ngezimiso zokuphila, angenzi okubi, uyakuphila nokuphila, angafi.
16 Akayikukhunjulelwa nesisodwa sezono zakhe azenzileyo; wenzile okufaneleyo nokulungileyo; uyakuphila nokuphila.
17 “Kodwa abantwana babantu bakho bathi: ‘Indlela yeNkosi ayilingani.’ Kepha ngeyabo indlela engalingani.
18 Lapho olungileyo ebuya ekulungeni kwakhe, enze okubi, uyakufa ngakho.
19 Nalapho omubi ebuya ebubini bakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo, uyakuphila ngakho.
20 Nokho nisho nithi: ‘Indlela yeNkosi ayilingani.’ Ngiyakunahlulela nina ndlu yakwa-Israyeli, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe.”
21 Kwathi ngomnyaka weshumi nambili wokuthunjwa kwethu, ngenyanga yeshumi, ngolwesihlanu lwenyanga, kwafika kimi ophunyukileyo eJerusalema, wathi: “Umuzi unqotshiwe.”
22 Isandla sikaJehova sasiphezu kwami kusihlwa, engakafiki ophunyukileyo, kepha wavula umlomo wami engakafiki kimi ekuseni; wavulwa umlomo wami, angabe ngisaba yisimungulu.
23 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
24 “Ndodana yomuntu, abakhe ezincithakalweni ezweni lakwa-Israyeli basho bathi: ‘U-Abrahama wayemunye, wadla ifa lezwe; kepha thina sibaningi, siphiwe lona libe yifa lethu.’
25 Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nidla okunegazi, niphakamisa amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi. Pho, niyakudla ifa lezwe na?
26 Niyethemba enkembeni yenu, nenza izinengiso, ningcolisa, kube yilowo nalowo umkamakhelwane wakhe. Pho, niyakudla ifa lezwe na?’
27 “Uyakusho kanje kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kuphila kwami, abasezincithakalweni, ngempela, bayakuwa ngenkemba, nosendle ngiyakumnika izilwane ukuba adliwe, nabasezinqabeni nasemihumeni bayakufa ngesifo.
28 Ngiyakwenza izwe libe yincithakalo nokuyize, kuphele ukuzidla kwamandla alo; izintaba zakwa-Israyeli ziyakuchithwa ukuze kungabikho odlulayo.
29 Bayakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngenzile izwe libe yincithakalo nokuyize ngenxa yazo zonke izinengiso zabo abazenzileyo.’
30 “Wena-ke, ndodana yomuntu, abantwana babantu bakho bakhuluma ngawe ngasezindongeni naseminyango yezindlu, basho omunye komunye, omunye kumfowabo, bathi: ‘Woza uzwe ukuthi yizwi lini eliphuma kuJehova.’
31 Bafika kuwe njengokufika kwabantu, bahlala phambi kwakho njengabantu bami, bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa, ngokuba ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kepha inhliziyo yabo ilandela inzuzo yabo.
32 Bheka, uyisihlabelelo esithandekayo sonephimbo elimnandi kubo, obetha kahle ngogubhu, ngokuba bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa.
33 “Lapho lokhu kufika — bheka, kuyeza! — bayakwazi ukuthi kwakukhona umprofethi phakathi kwabo.”