Hezekeli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48

0:00
0:00

Isahluko 22

Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2 “Wena ndodana yomuntu uyakuwahlulela, uyakuwahlulela umuzi wegazi na? Uyakuwazisa-ke zonke izinengiso zawo,
3 uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wena muzi ochitha igazi phakathi kwakho, ukuze isikhathi sakho sifike, nowenza izithombe kuwe ukuzingcolisa,
4 ngegazi olichithileyo unecala, nangezithombe zakho ozenzileyo ungcolile; usondezile izinsuku zakho, ufikile eminyakeni yakho; ngalokho ngikwenzile ihlazo ezizweni nenhlekiso emazweni onke.
5 Abaseduze nabakude nawe bayakukuhleka wena onegama elingcolileyo, ogcwele isiphithiphithi.
6 “ ‘Bheka, izikhulu zakwa-Israyeli, kwaba yileso naleso njengamandla aso, zaziphakathi kwakho ukuchitha igazi.
7 Bathukile kuwe uyise nonina, bacindezela abezizwe phakathi kwakho, bona phakathi kwakho izintandane nabafelokazi.
8 Okungcwele kwami ukudelele, wawona amasabatha ami.
9 Abantu abahlebayo babekuwe ukuchitha igazi, badla kuwe ezintabeni, benza ubufebe phakathi kwakho.
10 Bahlubulile kuwe ubunqunu bukayise, bamona yena owayahlukene ekungcoleni kwakhe.
11 Omunye wenzile isinengiso nomkamakhelwane wakhe; omunye ungcolisile ngobufebe umalokazana wakhe; omunye wonile phakathi kwakho udadewabo, indodakazi kayise.
12 Bamukele imivuzo phakathi kwakho ukuba bachithe igazi; wena uthathe inzalo nenzuzo, waphanga abakhelwane bakho ngokubacindezela, wangikhohlwa mina, isho iNkosi uJehova.
13 “ ‘Bheka, ngishayile isandla sami ngokuphanga kwakho okwenzileyo nangenxa yegazi lakho elaliphakathi kwakho.
14 Inhliziyo yakho iyakuma yini, izandla zakho ziqine ezinsukwini engiyakuphathana nawe ngazo, na? Mina Jehova ngikukhulumile, ngiyakukwenza.
15 Ngiyakukuhlakazela ezizweni, ngikusabalalisele emazweni, ngiqede ukungcola kwakho kuwe.
16 Uyakungcoliswa phakathi kwakho emehlweni ezizwe; uyakwazi ukuthi nginguJehova.’ ”
17 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
18 “Ndodana yomuntu, indlu yakwa-Israyeli isingamanyela kimi; bonke babo bayithusi nethini nensimbi nomthofu phakathi kwesithando; bangamanyela esiliva.
19 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba seningamanyela nonke, ngalokho bhekani, ngiyakunibuthela phakathi kweJerusalema.
20 Njengokuqoqwa kwesiliva nethusi nensimbi nomthofu nethini phakathi kwesithando ukuba kufuthwe umlilo phezu kwakho ukukuncibilikisa, kanjalo ngiyakunibutha ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nginibeke khona, nginincibilikise.
21 Yebo, ngiyakunibutha, nginifuthe ngomlilo wentukuthelo yami, nincibilikiswe phakathi kwawo.
22 Njengokuncibilikiswa kwesiliva phakathi kwesithando, kanjalo niyakuncibilikiswa phakathi kwaso, nazi ukuthi mina Jehova ngithululile ukufutheka kwami phezu kwenu.’ ”
23 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
24 “Ndodana yomuntu, yisho kuwo ukuthi: ‘Uyizwe elingahlanjululwanga, elinganelwanga ngosuku lokufutheka.’
25 Kukhona uzungu lwabaprofethi bawo phakathi kwawo njengengonyama ebhongayo edwengula impango; badlile imiphefumulo, bathatha ingcebo nokuyigugu; benzile abafelokazi babo babe baningi phakathi kwawo.
26 Abapristi bawo badlovile umthetho wami; bangcolisile izinto zami ezingcwele, abahlukanisanga okungcwele nokuyichilo, abafundisanga abantu ukwahlukanisa okungcolileyo nokuhlambulukileyo, bafihlele amasabatha ami amehlo abo; sengidumazekile phakathi kwabo.
27 Izikhulu zawo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuchitha igazi nokuqeda imiphefumulo ukuba ziphange nokuphanga.
28 Abaprofethi bawo babanamekele ngodaka olungavuthiwe, bebona okuyize, bebabhulela amanga, bethi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova,’ noma uJehova engakhulumanga.
29 Abantu bezwe bacindezele nokucindezela, baphangile nokuphanga, yebo, bakhathazile abampofu nabaswelayo, bacindezele abafokazi ngokungengamthetho.
30 “Ngafuna kubo umuntu wokubiya uthango, eme esikhaleni ngaphambi kwami ngenxa yezwe ukuba ngingalichithi, kepha angimfumananga.
31 Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo; ngibaqedile ngomlilo wentukuthelo yami, ngehlisela indlela yabo phezu kwamakhanda abo, isho iNkosi uJehova.”